U-AUGUSTINE Mulenga waMaZulu FC (kwesokudla) emiswe kabi uLebohang Mokoena weSwallows ngesikhathi la maqembu etholene phezulu koweDStv Premiership eDobsonville Stadium izolo ntambama. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix
ISWALLOWS FC iqhubekile nokugoloza ukushaywa kwiDStv Premiership, idlala ngokulingana naMaZulu FC, emdlalweni obuseDobsonville Stadium izolo ntambama.
Ukudlala ngokulingana kweZinyoni noSuthu kusho ukuthi sekuphele imidlalo engu-23, iSwallows yagcina ukushaywa. Empeleni ezikaBrendon Truter zagcina ukwehlulwa ngoMashi nyakenye, zisadlala kwiGladAfrica Championship. Zagcina zehlulwe i-University of Pretoria. Kuze kube manje ezikaTruter, sezinqobe imidlalo eyisikhombisa, zadlala ngokulingana kweyisishiyagalolunye. AmaZulu kungenzeka alithokozele iphuzu alithole eDobsoville, kwazise liwabeka endaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership.
Lo mphumela usho ukuthi Inyokan'Eluhlazana isidlale imidlalo eyisikhombisa ingehlulwa (uma kubalwa noweNedbank Cup abawudlale neLamontville Golden Arrows).
AmaZulu aye kulo mdlalo njengelinye lamaqembu ayibonayo inethi, yize nawo emuva ebuthaka njengoba engenelwa amagoli kalula. Ngakolunye uhlangothi, iSwallows ayingenelwa amagoli noma ikanjani, kodwa inkinga yayo ukuthi ayiwashayi amagoli amaningi.
Kube wugingqigongqo ngesiwombe sokuqala, womabili amaqembu enganikezani ithuba ebholeni, nobekusho ukuthi amathuba abengabonwa. Isiwombe sokuqala siphele onozinti bobabili bala maqembu beseholidini. Alikho ibhola elibi noma eliyingozi elivinjwe uThela Ngobeni kwiSwallows, kanjalo noVeli Mothwa ezintini zoSuthu ubezipholele, yize ngomzuzu ka-40, uThabo Matlaba ededele imbumbulu enamandla kodwa kwasho ukuthi iqonde ngqo kuMothwa, wayibamba kalula.
Nangesiwombe sesibili, kube yinto ecishe ifane nesokuqala. Akukho obekwenziwe ngonozinti, amathuba abengabonwa yize abaqeqeshi sebenze izinguquko. Lilonke nje, kugcine sekuwumdlalo onduvanduva, ekubeni kade kubhekwe ibhola elisezingeni eliphezulu. Okungenzeka ukuba bekudala ukuthi amathuba angabi maningi, ukuthi amaqembu omabili abenempi engasukumi esiswini. Bekuqine unyawo ikakhulukazi uTlakusani Mthethwa weSwallows noMakhehlene Makhaula woSuthu. Unompempe uze wawuqeda umdlalo sekucacile ukuthi amaqembu azogcina ngakho ukwabelana ngamaphuzu.
Imiphumela yeDStv Premiership yangempelasonto:
Maritzburg United 0-1 Tshakhuma; Stellenbosch 1-3 Lamontville Golden Arrows; SuperSport United 2-1 Cape Town City; Bloemfontein Celtic 1-1 Chippa United; Swallows 0-0 AmaZulu
I-LOG YE-DSTV PREMIERSHIP
AmaqembuPWDLFAPts
Sundowns1596024733
SuperSport16943261631
Swallows1578018929
Arrows15771231428
Pirates17773191428
CPT City 16655272523
AmaZulu16574211822
Celtic16466182018
Chiefs15465151718
Baroka15456172217
TS Galaxy14365141515
Stellenbosch15366162015
Chippa15357151914
Tshakhuma1526782012
Maritzburg15231011229
Leopards1423910249