Ezemidlalo Ibhola

UKutumela ufuna bashaye izimbangi kwilog

Nduduzo Dladla|Published

UMGADLI weMaritzburg United uThabiso Kutumela ogqoke ijezi elibovu uthi kumele bawunqobe noma yikanjani umdlalo wabo neTTM ukuze bagudluke ezembeni. Isithombe: Phando/Jikelo/African News Agency(ANA)

UMGADLI weMaritzburg United uThabiso Kutumela, ubona ukunqoba kwabo umdlalo weNedbank Cup kwiLast 32, kuzobasiza babuyelwe ukuzethemba njengoba bebhedelwa wuhlelo kwiDStv Premiership.

I-Team Of Choice izobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium namuhla ngo-5 ntambama.

Ziya kulo mdlalo nje, womabili amaqembu aphuma ekunqobeni nokuyinto engasajwayelekile kuwona njengoba abesephenduka ukudla kwenduku. IMaritzburg yehlule iSekhukhune United ngo 2-1 kwiLast 32, kwathi iTTM yamangaza abaningi iwashisa ijezi iSuperSport ngo 1-0.

Womabili amaqembu asemsileni we-log yePremiership, ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, emidlalweni engu-15. Okuwahlukanisile nje, ukushaya nokungenelwa kwawo amagoli.

Lo mdlali obonakale esephenduke ithemba labalandeli beqembu ngokunjalo nethimba labaqeqeshi ephawula ngomdlalo uKutumela uthe: "Kusijabulisile kakhulu ukuthi sinqobe kwiSekhukhune ngoba bese sishaywe imidlalo emithathu ilandelana kwiPremiership.

“ Ngicabanga ukuthi ukunqoba kwethu kubuyise ukuzethemba kithi singabadlali. Sekuyisikhathi sokuthi siqale ukuqoqa amaphuzu, ukuze sizosuka endaweni esikuyona eyingozi.”

Eqhubeka echaza, uthe kubalulekile ukuthi banqobe kwiTTM, kwazise ngelinye lamaqembu abavika nalo izembe njengamanje nokuzokwenza umdlalo ubenzima.

"Uma sizimisele ngokusuka kule ndawo esikuyo asikwazi ukwehluleka ukushaya abantu esinabo emsileni. Yibona impela okumele senyuke ngabo, uma kungenjalo siyoshaya bani kanti? Kufanele siye kulo mdlalo ngokukhulu ukuzethemba. Nabo bazoza ngokuzethemba ngoba basanda kwehlula iSuperSport, kodwa kuzoya ngokuthi ubani ofuna amaphuzu kakhulu kunomunye," kuchaza uKutumela ngokuzethemba.

Zishintshile izinto kwiTTM njengoba isinomphathi omusha u-Abram Sello. Lo macaphuna kusale kuthiwa usezinhlelweni zokushintsha igama laleli qembu laseLimpopo.