Ezemidlalo Ibhola

OweBucs uvuma eyokuvuza ngasemuva

Nduduzo Dladla|Published

UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, uthi iminwe ayingabheki kubaqeqeshi ngokuboza kwabo emuva kodwa injumbane ayiqonde kubona. Isithombe: Gavin Barker/BackpagePix

UKAPUTENI we-Orlando Pirates uHappy Jele, uvumelana nomqeqeshi wakhe uJosef Zinnbauer ekutheni udonga lwabo emuva luyavuza.

UJele nozakwabo abenzanga kahle neze bebhekene neLamontville Golden Arrows bengenelwa amagoli amabili abashayisile, ngenxa yamaphutha abo abengagwemeka.

Bagcine beshaywe ngo-2-0, wamagoli kaPule Mmodi kulo mdlalo obekulindeleke ukuthi benze kahle kuwona, ikakhulukazi njengoba beze kuwona ngemuva kokwehlula omkhaya iKaizer Chiefs ngo-2-1 ngeledlule.

Kusasa eZimnyama zizobheka noThongathi FC, emdlalweni weLast 32 kwiNedbank Cup. Akulona iqembu elingathathwa kancane uThongathi kwazise nakwiGladAfrica Championship, lenza kahle njengoba lisendaweni yesithupha.

Abanye babalandeli beBucs, sebeqalile bagxeka amaqhinga abaqeqeshi babo ezinkundleni zokuxhumana. Bakholelwa ekutheni uZinnbauer nethimba lakhe bebengenza okungcono kakhulu emidlalweni abahlulwe kuyo noma abayidlale ngokulingana.

Ngenxa yezinga eliphezulu labadlali iPirates ebathengile, abathandi bebhola kuleli babheke ukuthi okungenani kube iyona ebhincisela nxanye iMamelodi Sundowns kodwa kuze kube manje, lokhu kubukeka kuseyiphupho.

UJele utshele izintatheli ukuthi akufanele nakancane kugxekwe abaqeqeshi ngokuboza kwabo kodwa kufanele bezinuke bona amakhwapha njengabadlali.

"Lo mqeqeshi okukhulunywa ngaye sinqobe naye isicoco seMTN 8. Lokhu ngeke kushintshe kanjalo nje. Ngicabanga ukuthi kufanele kuyekwe ukugxekwa kwabaqeqeshi, kodwa sizibuke thina njengabadlali ukuthi ngempela yini le esingayenzi kahle?

“Iqiniso wukuthi kumele sibhukule. Asenzi kahle neze, nomgqigqo kasinawo. Nathi emuva kumele sixhumane kangcono ukuze sizokwazi ukuvala kahle amagoli, angasingeneli kalula," kusho uJele.

UZinnbauer, usale uxakekile ngomehluko omkhulu okhonjiswe yezakhe zibhekene neLamontville Golden Arrows, ekubeni ngempelasonto kade zihambela phezulu ngokwehlula abakhaya iChiefs.

Ngokusho kukaZinnbauer, udonga lwakhe lwasemuva lwenze amaphutha abengawalindele ekubeni ludlale kahle kakhulu lubhekene neChiefs.

"Ngempelasonto sidlale kahle kakhulu, nasemuva sakwazi ukuvala sanqoba. Sesibhekene ne-Arrows angazi bekwenze njani. Kungena igoli lokuqala silalile, bekumele sisheshe, ngoba ibhola liphumile sabanjwa yinomfi, sathela phansi imizimba senza kancane, langena igoli. Kwelesibili, uMaela (Innocent), akaxhumanga kahle nonozinti wethu, ubezitshela ukuthi unozinti usemuva kwakhe kanti unozinti uzihlalele epalini. Ngaleyo ndlela kwangena igoli lesibili. Amagoli obekungafanele neze asingenele lawa thina. Ngihleze ngishumayela ukuthi kumele uma sidlala, singabi nezikhawu kodwa sidlale imizuzu angu-90 nangaphezulu," kusho uZinnbauer.

Sekuke kwenzeka eminyakeni edlule iPirates yangena ehlazweni yehlulwa yiqembu elingazelwa lutho iMaluti FET College ngo 4-1, kuwona lo mqhudelwano.