Ezemidlalo Ibhola

UMcCarthy akeneme ngokuvuza kwamagoli eqinjini lakhe

Nduduzo Dladla|Published

UMDLALI wasemuva waMaZulu, uTapelo Xoki ngesikhathi evalela iphenathi emdlalweni neBleomfontein Celtic uSuthu oluwunqobe ngo 4-3 Isithombe: BackpagepixGavin Barker/BackpagePix

UJABULE wabuya nganeno uBenni McCarthy, ongumqeqeshi waMaZulu FC, ezakhe zishaya iBloemfontein Celtic ngo 4-3, emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

UMcCarthy nezakhe sebenqobe umdlalo wesithathu kulandelana kweyisishiyagalombili, ngalo mdlalo neSiwelele. UMcCarthy usashaywe kanye vo, selokhu athatha izintambo kuMaZulu lapho bashaywe yiKaizer Chiefs ngo 1-0, ekhaya.

Okwenze uMcCarthy wabuya nganeno benqoba kwiCeltic, wukuthi badedele amagoli amathathu akwazi ukungena ngakubona. Ngokusho kwakhe, akwamukelekile ukuvulela amagoli emuva, uma bezimisele ngokubhinxisela nxanye amanye amaqembu. Usuthu lusendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership, ngamaphuzu angu-21, emidlalweni engu-15.

"Kuyajabulisa ukuthi sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo. Bekusifanele ukuthola la maphuzu, ikakhulukazi ngoba sabayeka sidlalela enkundleni yabo, sagcina sidlale ngokulingana (umdlalo waphela ngo 1-1). Kungcono kulokhu sikwazi ukuhlohla amagoli, nokuyinto eyasenzela phansi siseBloemfontein,“ kuphawula uMcCarthy.

Uthe kumnandi ukudlala neCeltic ngoba iyakuhlasela, ivume udlale ibhola lakho uyihlasele nayo iphinde yenze okufanayo uma usuphethe ibhola.

UMDLALI wasemuva waMaZulu, uTapelo Xoki ngesikhathi ethumela inguzunga yebhola, unozinti weBleomfontein Celtic ayizwe ngendaba lapho uSuthu lunqoba ngo 4-3 Isithombe: Backpagepix

“Singenelwe amagoli amathathu kulo mdlalo, nokuyinto okufanele siyilungise uma sizimisele ngokudla ogqokweni lunye namaqembu amakhulu. Asikwazi ukungenelwa amagoli amathathu emdlalweni owodwa, yinto okumele siyihlalele phansi siyilungise," kusho uMcCarthy.

Abaphathi abasha baMaZulu, abaholwa nguSandile Zungu, babekubeke kwacaca ukuthi ziphelile lezo nsuku lapho khona uSuthu luzoba yiqembu elivikana nezembe. UZungu wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ezakhe ziqede isizini zisendaweni yesine kwi-log, nokuyinto athi iyoveza obala ukuthi eminyakeni ethile, leli qembu lizosinqoba isicoco seligi.

"Ngaphandle kwamaphuzu amathathu, bekubalulekile ukuvikela abadlali bami njengoba imidlalo ilakanyana, iminingi. Lokhu bekusho ukuthi kumele senze izinguquko eqenjini kube khona esibaphumuzayo. Ubengekho uLuvuyo Memela, uNtuli (Bongi) simphumuzile. NoXola Mlambo naye simphumuzile. Omunye umdlali omqoka esemkhiphe umdlalo uphakathi uMakhuala (Makhelene), ngoba naye sifuna ukumphumuza. Emdlalweni wethu olandelayo (weNedbank Cup), nabakhaya iLamontville Golden Arrows, kunabanye abadlali esizobaphumuza ngoba asifuni ukuzithola sisesimeni lapho abadlali bengasazimiseli ngenxa yokukhathala," usho kanje uMcCarthy.