ISIQONGQWANE emuva kwi-Orlando Pirates uThulani “Tyson” Hlatshwayo okubhekwe ukuba sibambisene nozakwabo bavimbe kuwona wonke amazibuko ukuqinisekisa ukuthi abahlazwa uThongathi emdlalweni weNedbank Cup. Isithombe: Sydney Mahlangu/BackpagePix
INKAKHA edlalele i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs uPollen "Trompies" Ndlanya, ibona ingozi emaqenjini eGladAfrica Championship azobhekana neZimnyama naMakhosi kwiLast 32 yeNedbank Cup ngempelasonto.
UNdlanya utshele Isolezwe ukuthi iPirates neChiefs bengalinge bathathe kancane uThongathi FC neRichards Bay FC abazobhekana nabo emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup, ngoba kungaba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo.
UThongathi luzovakashela iPirates ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, kuthi iNatal Rich boyz ivakashele Amakhosi ngeSonto ngo-5 ntambama.
Abalandeli bokuqina bezinkunzi zaseSoweto bazokhumbula ukuthi kuke kwaba nesikhathi lapho bephendulwe inhlekisa amaqembu athile kulo mqhudelwano eminyakeni edlule. Kuneqembu elaziwa ngeMaluti FET College elabukisa ngePirates, liyilobola ngo 4-1, kulo mqhudelwano ngo-2013.
Kanti neBaroka FC (ingakadlali kwiPremier Soccer League), yashaya iChiefs ngo 2-1 kulo mqhudelwano ngo-2011. Kuyiphindile futhi iChiefs yehlulwa i-University Of Pretoria ngo-2009. Empeleni nakumasizini amabili edlule, iTS Galaxy isadlala kwiNational First Division (NFD) ibukisile ngaMakhosi iwehlula ngo 1-0 kowamanqamu emqhudelwaneni ofanayo.
"La maqembu aseSoweto abhekene nemidlalo enzima kakhulu. Phela leli yithuba lokuthi abadlali bazidayise kuwona, yithuba lokuthi namaqembu athole ithuba lokumaketheka. Imidlalo izobe ikhonjiswa kwithelevishini, ngakho kuzoba nzima kakhulu kwizinkunzi zaseSoweto, ngingasayiphathi uma kuthiwa ziyehlulwa. Zivele zinawo umlando ongemuhle kulo mqhudelwano lapho zibhuquziswe amaqembu angaziwa. Ngibona zibhekene nenkinga enkulu, ngoba siyazi sonke ukuthi uma uzodlala nalamaqembu, ukukhuthazeka kusuke kukhona kadeni, nomsebenzi wabaqeqeshi uba lula kakhulu," kusho uNdlanya.
Ibhola elidlalwe iChiefs nePirates ngeledlule emdlalweni wabakhaya ligculisile kakhulu, kwazise zazithengana. Yize kunjalo, akufanele nakancane sikukhohlwe ukuthi amaCane Cutters neNatal Rich Boyz benza kahle kwiGladAfrica Championship.
Njengamanje iRichards Bay isendaweni yesibili kwi-log yeGladAfrica, kanti uThongathi lusendaweni yesithupha okuveza ngokusobala ukuthi amaqembu ayingozi kakhulu.
"IChiefs nePirates kumele bathathe le midlalo njengemikhulu, akekho umuntu ongathi unendawo kwiLast 16, kuyaliwa lapha," kusho uNdlanya.