Ezemidlalo Ibhola

UZinnbauer ubona kusekhona okudinga ukulungiswa kwiPirates

Nduduzo Dladla|Published

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJozef Zinnbauer uthi kusekhona okudinga ekulungisile kwezakhe yize benqobile emdlalweni weSoweto Derby. Isithombe:Backpagepix

YIZE ejabule umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer ngokuthi ezakhe zinqobe okwesithathu kulandelana zibhekene nezimbangi iKaizer Chiefs, kodwa kunezinto ezimbalwa akholwa wukuthi kumele bazilungise kweziMnyama ukuze ziqhubekea nokuqoqa amaphuzu.

IPirates ithwelwe ngeqoma ukuthi kube yilona qembu okungenani elijaha iMamelodi Sundowns, ebonakala isendleleni yokuvikela ngempumelelo isicoco seDStv Premiership.

Ukushaya abakhaya iChiefs ngo 2-1 ngempelasonto, kuyisondezile kwiSundowns njengoba isisendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-25, emidlalweni engu-15. Lokhu kusho ukuthi eZimnyama zisele kwiSundowns ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.

"Sidlala kahle impela futhi okubalulekile muva nje wukuthi sithola amaphuzu aphelele nokuyinto ebalulekile. Nokho ngiyakholelwa ekutheni besingashaya inqwaba yamagoli sibhekene neChiefs. Ama-offside, nokutatazela engxenyeni enkulu yezitha kunokusenzela phansi. Lokhu kumele sikulungise ngokushesha ngoba kuzosilimaza nxa sikuthatha kancane," kusho uZinnbauer.

Eqhubeka echaza uZinnbauer uthe umjabulise kakhulu umdlalo wakamuva wabakhaya ngoba bekungabukwa nje kuphela iqembu elilodwa, kodwa bezithengana. Phela kuzokhumbuleka ukuthi emidlalweni emibili yeMTN 8, iPirates yayizidlela amahlanga kwiChiefs njengoba yayishaya ngo 3-0, emlenzeni wokuqala, yayiphinda ngo 2-0 emlenzeni wesibili.

"Kungijabulisile ukuthi bezithengana, kungekho efuna ukugoba uphondo. Ngesiwombe sokuqala yithina ebesicindezela, ngesesibili bese kuyibona. Okubalulekile ukuthi sifunde ukuthi umdlalo nomdlalo sidlala njengeqembu, hhayi ngayedwana. Lokhu kuzosisiza kakhulu sibheke phambili," kusho uZinnbauer.

Umdlalo olandelayo wePirates (ngaphambi kweLast 32 yeNedbank Cup), bazowudlala neLamontville Golden Arrows, eThekwini namuhla ngo-5 ntambama.