Ezemidlalo Ibhola

Umqeqeshi akanankinga ngohlinzele oShaka ezibini

Nduduzo Dladla|Published

Curwin Bosch of the Cell C Sharks during the 2020/21 Carling Black Label Currie Cup game between the Xerox Lions and the Cell C Sharks at Emirates Airline Park in Johannesburg on 19 December 2020 Photo: Christiaan Kotze/BackpagePix

UMQEQESHI weCell C Sharks, uSean Everitt, akasigxeki isethenjwa sezakhe uCurwin Bosch ngokuhluleka ukushaya ibhola ebelibekwe phansi, ebelingawelisa ngelibanzi iSharks kowamanqamu weCarling Currie Cup ngoMgqibelo ntambama.

ISharks yehlulwe iVodacom Bulls ngo-26-19 kowamanqamu obudlalelwa eLoftus Versfeld, ePitoli ngoMgqibelo ntambama. Lo mdlalo ubushisa bhe, njengoba zibambane ngo 19-19, esikhathini esejwayelekile nokuphoqe ukuthi zingene esikhathini esengeziwe.

Empeleni bezingeke zingene esikhathini esengeziwe ukuba uBosch, ushaye kwasani obekuphambi kwakhe. Ukushweba kanye kukaBosch, kunike ithuba iBulls ukuthi ithole ithuba lovuka emaqandeni, njengoba ivuke umbhejazane esikhathini esengeziwe u-Arno Botha eshaya i-try yokunqoba.

Noma kunjalo, u-Everitt akamgxekanga nhlobo uBosch ngokwehluleka kwakhe ukunqobisa oShaka kulo mdlalo.

"Ngeke nhlobo ngikhale ngoBosch, usebenze kakhulu. Yebo, mhlawumbe kulo mdlalo neBulls akazange ashaye konke njengokwejwayelekile. Uma singakhuluma iqiniso, uBosch usisize kakhulu emidlalweni edlule, ngakho ngeke kwaba nobulungiswa ukuthi agxekwe ngomdlalo owodwa. UBosch ube yiqhawe lethu ngezikhathi ezinzima. Yebo, abadlali baphoxekile ngokwehlulwa, nami ngokunjalo, kodwa ngiyaziqhenya ngabo," kusho u-Everitt.

Bekungokwesibili iBulls inqoba umqhudelwano weCurrie Cup. Umqeqeshi weBulls, uJake White, uthe uyazigqaja ngabadlali bakhe abaqhamuke ebhentshini bawushintsha umdlalo.

"Besingaphansi kwenkulu ingcindezi kulo mdlalo. Sibe nethuba lokuwunqoba umdlalo ngaphambi kwe-hooter esiwombeni sesibili kodwa sehluleka. Nabo ngokunjalo, bathole iphenathi ngesikhathi esengeziwe, kodwa bayishweba. Bekuwumdlalo onzima kakhulu. Nokho ngijabule ngendlela abafana bami, ikakhulukazi abaqhamuke ebhentshini, abafike bawushintsha ngakhona umdlalo," kusho uWhite onqobe isicoco seNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko ngo-2007.