Ezemidlalo Ibhola

Kuyaphoxa ukungabibikho kwabalandeli kowomkhaya: Lekoelea

Nduduzo Dladla|Published

IZINKUNZI zaseSoweto zizotholana phezulu kusasa emdlalweni weDStv Premiership, ozoba se-Orlando Stadium ngo-3.30 ntambama. Isithombe: Itumeleng English/AfricanNewsAgency(ANA)

"KUNABADLALI abangakwazi ukudlala ngaphandle kwabalandeli ezinkundleni. Kungakho ngithi ubuzoba mnandi kakhulu umdlalo wabakhaya ukube abalandeli sebevumelekile ezinkundleni.“

Lawa ngamazwi kaSteve "Chippa" Lekoelea, awasho izolo exoxa neSolezwe ngaphambi komdlalo omkhulu wabakhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Lezi zinkunzi zaseSoweto, zizotholana phezulu kusasa emdlalweni weDStv Premiership, ozoba se-Orlando Stadium ngo-3.30 ntambama.

ULekoelea uthe ukubuka umdlalo endlini, nokuya enkundleni kakufani neze.

"Ngokwami ngisola ukuthi la maqembu womabili ngabe awekho la ekhona kwi-log ukube abalandeli bakhona ezinkundleni. Yebo, iningi seliya ngokuya likujwayela ukudlala ngaphandle kwabalandeli, kodwa iqiniso ukuthi kunzima kakhulu.

’’Abanye babadlali bakhala ngokuthi kujike kuthi akufane nokuthi bayaziqeqesha emidlalweni ngenxa yokuthi abekho abalandeli. Yize sengikushilo lokhu, kodwa sibheke umdlalo omnandi kakhulu," kusho uLekoelea.

Ziya kulo mdlalo nje, iPirates isendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership ngamaphuzu ewu-22, emidlalweni ewu-14. Amakhosi wona asendaweni yesikhombisa, ngamaphuzu ewu-18, emidlalweni efanayo.

Abalandeli beZimnyama baya kulo mdlalo ngokukhulu ukuzethemba, kwazise bayishaye ngempama iChiefs (5-0), kowandulela amanqamu kwiMTN 8 ngasekuqaleni kwesizini.

"IChiefs ifanelwe ukunconywa njengoba sekuphele imidlalo emihlanu ingashaywa. Ngakolunye uhlangothi, iPirates kayinawo sanhlobo umgqigqo. Namhlanje idlala kahle, kusasa iyazibozela. Noma kunjalo, angincabangi ukuthi iChiefs isifikile ezingeni elifunwa uGavin Hunt. Kungakho ngisola ukuthi izokwehlulwa ngo-1-0," kuqhuba uLekoelea.

Phakathi kwabadlali okubhekwe ukuthi bagqame nhlangothi zombili uNkosingiphile "Mshini" Ngcobo no-Anthony Agay beChiefs abagila izimanga kulezi nsuku. Kulindeleke ukuthi uSamir Nurkovic athwalise kanzima udonga lwasemuva lweBucs, oluzobe luholwa uThulani "Tyson" Hlatshwayo.

Ifomu enhle kaThembinkosi "Nyoso" Lorch kweZimnyama, ingaba yinkinga kwiChiefs. ULorch uyakwazi ukukhanda amagoli, aphinde awashaye. Ngeke asale noDeon Hotto, ongumenzi wezinto kwezikaJosef Zinnbauer, njengoba naye ekwazi ukugoba amabhola ayingozi, aphinde ashaye amagoli.

Uvutha engabaselwe noBongani Sam kwiPirates kulezi nsuku njengoba egoba amabhola ayingozi kakhulu, kanti ushaye igoli lakhe lokuqala maphakathi nesonto.

"Ingcindezi izoba kwiChiefs ukuthi ikhombise ukushaywa kwayo ngo-5-0, ngasekuqaleni kwesizini, sekuyinto edlule. Womabili la maqembu azofisa ukunqoba ngoba neSundowns isadonsa kanzima kulezi nsuku," kusho uLekoelea.