UMQEQESHI waMaZulu uBenni McCarthy uchazekile ezakhe zishaya iBaroka ngo 2-0 wathi ubona ixazululeka inkinga yokushaya amagol kuleli qembu. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix
UBENNI McCarthy oqeqesha AmaZulu FC, usibona sesilapheka isifo ebesiphethe ezakhe selokhu athatha izintambo nyakenye. Usuthu luthele iBaroka FC othulini ngo 2-0, emdlalweni weDStv Premiership obuseLimpopo, ngempelasonto.
Amagoli Enyokan' Eluhlazana avalelwe phakathi uBongi Ntuli noSphelele Magubane. Ngaphambi kwalo mdlalo neBaroka, uMcCarthy ubewotha ubomvu ngezakhe, ezisola ngokushweba phambi kwepali ekubeni zibe zinebhola elimjabulisayo.
Neshwa phambi kwamapali belikhona kuMaZulu, kwazise amanye amabhola abeshaya amapali abuye, esebaliwe. Nokho ukuzinikela kwezakhe, nokubhakuzisa inethi zibhekene neBaroka kumjabulisile, uMcCarthy.
"Inkinga yethu enkulu bekuwukuthi besingalifaki ibhola enethini. Angikaze nakancane ngangabaza ibhola esilidlalayo, nabadlali esinabo. Engikubone namhlanje (esho kade bedlala neBaroka), kungenza ngithi abadlali bami bangabanqobi. Uma unabadlali abazinikela ngale ndlela, ungumqeqeshi kunzima ukuthi iqembu lingaphumeleli ngoba izinga lokuzinikela kubona liyangigculisa kakhulu," kusho uMcCarthy.
Usuthu seluhambe cishe isonto lonke eThekwini, kwazise luqale lwadlala neSuperSport United emdlalweni ophele ngo 1-1, ngaphambi kokudlala neBaroka.
"Amaphuzu amane ekuhambeni? Siyawemukela kakhulu. Empeleni nasemdlalweni wethu neSuperSport kwakufanele sinqobe. Kwabhoka yona-ke inkinga yokushweba amathuba. Kube yishwa ukuthi singashayi amagoli amathathu noma amane. UMajoro (Lehlohonolo), ibhola lakhe elihle lishaye ipali labuyela ngaphakathi. Kukhona nebhola esilishaye enethini ngekhanda, kodwa unompempe waliphika ngenxa ye-offside, kodwa ngisafuna ukulibuka kahle kwithelevishini ukuthi ngabe kunjengoba eshilo yini unompempe," kuphawula uMcCarthy.
Eqhubeka echaza uMcCarthy uthe yize elinyalelwe abadlali abamqoka, kuyamthokozisa ukuthi nalabo abathola ithuba bafike besivale thaqa isikhala sabo.
"Sesihambe isikhathi eside eThekwini, sizobuyela bese abadlali bethola ithuba lokuhlala nemindeni yabo ngoba kade bayigcina. Kuyangithokozisa ukuthi noma silinyalelwe abadlali abayizinsika, kodwa abathola ithuba lokuvala izikhala benza njalo. Sizozithintinta, bese sibheka umdlalo wethu olandelayo neStellenbosch FC," usho kanje uMcCarthy.
AmaZulu asendaweni yesishiyagalombili kwi-log, ngamaphuzu angu-15, emidlalweni engu-13.