UMDLALI we-Orlando Pirates wasemuva kwesokunxele uBongani Sam ukhombisa ukuvuthwa, kanti nendlela adlala ngayo yenza umqeqeshi athokoze ngaye Isithombe: Sydney Mahlangu/BackpagePix
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer, ujabulise okwengane encane ezakhe zikhala zemuka namaphuzu amathathu, ngesikhathi zibhekene neMaritzburg United.
EZimnyama zinqobe ngo 1-0 wegoli likaDeon Hotto, emdlalweni weDStv Premiership zibhekene neTeam Of Choice ngempelasonto.
Lo mphumela ukhuphulele iBucs endaweni yesine kwilog yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-21, emidlalweni engu-13. Obekujabulisa kakhulu uZinnbauer ukuthi ezakhe zibe nemidlalo emihle, zidlala ibhola elincomekayo, kodwa imiphumela ingazivumi.
"Asidlalanga kahle sidlala neMaritzburg, kodwa sikwazile ukuthola amaphuzu aphelele. Besiba nemidlalo emihle, sidlale yonke inhlobo yebhola kodwa imiphumela isiphike. Kwesinye isikhathi ibhola elihle kalifuneki, kufuneka nje amaphuzu aphelele nokuyinto esiyitholile," kusho uZinnbauer, obebonakala nasebusweni ngokumoyizela ukuthi weneme.
Umdlali wasemuva kwiPirates u-Innocent Maela, ubeseyenze eyakhe indawo emuva kwesokunxele kodwa amaphutha awenze ezakhe zibhekene neBlack Leopards zishaywa ngo 2-0, ambangele inzondo kubalandeli. UBongani Sam nguyena osevele wasivala thaqa, isikhala sikaMaela, njengoba eshaya into ecokeme kulezi nsuku.
Empeleni negoli likaHotto alishaye bebhekene neMaritzburg, beligotshwe nguSam. UZinnbauer uchazile ukuthi kungani uSam kade engabonakali kwiPirates sonke lesi sikhathi.
"Indaba kaSam iyinkinga kabi. Ubefike aziqeqeshe kahle neqembu, kuyaba uselimele sesithi sifuna ukumbophela. Lokhu kwenzeke amahlandla ambalwa impela sengingumqeqeshi wePirates. Nokho, kuyangijabulisa ukuthi useyakwazi ukudlala, useyakwazi nokusinika imizuzu angu-90. Sizoqhubeka nokulokhu sifaka abadlali abancane, ngenhloso yokuthi sibakhulise. Ngijabule kakhulu ngokuzinikela kukaSam," kusho uZinnbauer.
Yize uZinnbauer ejabule ngabadlali abancane abakhombisa ukuvuthwa, kodwa akafuni bazithwale, babenempakamo ngoba luselude ukhalo.
"Kufanele bazithobe, bengaphakami kakhulu. Lokho kubalulekile ukuze sizoqhubeka nomgqigqo omuhle. Sizobuyela eGoli, sibe nezinsuku ezimbalwa zokuphumula bese silungisela umdlalo olandelayo," usho kanje uZinnbauer.