UMANQOBA Mngqithi umqeqeshi weMamelodi Sundowns akeneme emva kokwehluleka kwezakhe ukushaya amagoli, babambana ngo 0-0 neBloemfontein Celtic koweDStv Premiership. Isithombe: BACKPAGEPIX
INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba "TV" Mngqithi, ishaya amakhala ngokuthi ezayo zihlulekile ukucosha amaphuzu aphelele emidlalweni emibili yakamuva, zahluleka nokushaya igoli.
Yize engeneme ngalokhu uMngqithi, uthe uwubheke ngabomvu umdlalo wezakhe neSwallows FC ngempelasonto. Izinyoni zizovakashela amaBrazilians emdlalweni weDStv Premiership eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Okwenza uMngqithi ajahe ukudlala neSwallows wukuthi ezakhe zidlale ngokulingana emidlalweni yakamuva emibili. Lokhu kusho ukuthi emaphuzwini ayisithupha, bathole amaphuzu amabili kuphela .
"Akufani nhlobo nje neSundowns ukwehluleka ukushaya igoli, nokudlala ngokulingana kuze kube kabili. Kodwa nginethemba abafana bazobuya ngamandla kungekudala," usho kanje uMngqithi ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 0-0 neBloemfontein Celtic ngoLwesibili.
Ngeledlule kube ngesifanayo kwiSundowns, idlala ngokulingana ngomphumela ofanayo neSuperSport United. Amaphuzu amane alahlwe yiSundowns, asondeze iSwallows kwi-log.
"Sidlala neSwallows engasibeke thuba kwi-log, ngakho kumele sizibambe ziqine ngoba basemuva kwethu ngephuzu (ngaphambi komdlalo wayizolo weSwallows neChippa United). Sibheke umdlalo ozoba mnandi kakhulu ngoMgqibel. Sobona iyozala nkomoni," usho kanje uMngqithi.
Yize kumjabulisa uMngqithi ukuthi ezakhe azikashaywa selokhu kuqale isizini, ukwehluleka ukushaya amagoli, akumphathi kahle neze.
"Umdlalo wethu neCeltic ungijabulisile kakhulu uma ngiwuqhathanisa noweSuperSport. Indlela ebesihambisa ngayo ibhola, nendlela esakhe ngayo amathuba ingijabulisile. U-Erasmus (Kermit), ube neshwa bekumele okungenani ashaye amagoli amathathu kulo mdlalo kodwa zaphika izinto," kusho uMngqithi.
Okunye okuzonezezela ekutheni umdlalo weSundowns neSwallows ushube, ukuthi uBrendon Truter weZinyoni nomgadli wazo uRuzaigh Gamildien, bamenyezelwe yiPremier Soccer League (PSL), njengomqeqeshi nomdlali abavelele phakathi kukaDisemba noJanuwari.
I-PSL iveze ukuthi uTruter noGamildien behlule umqeqeshi weSuperSport United uKaitano Tembo noBradley Grobler kanye noMngqithi kulo mklomelo abahlabane ngawo.