Ezemidlalo Ibhola

Siyanda isibalo sabalimele kwiPirates

Lungile Majoka|Published

UNKANYISO Zungu owandisa isibalo sabadlali abalimele be-Orlando Pirates. Isithombe: Sydney Mahlangu/BackpagePix

SIYANDA isibalo sabadlali abalimele kwi-Orlando Pirates emuva kokuvela kokuthi uNkanyiso Zungu usengene ohlwini lwabelashwayo.

UZungu ufike kwiPirates maphakathi nesizini edlule kubhekwe lukhulu kuye ngoba uthathwa njengomunye wabadlali abahle esiswini.

UJomo Sono ngomunye wabantu abamncoma kakhulu ngokukwazi ukubamba isisu sithule ngqi, ethi ugabe nangamaphasi ahlala endodeni.

UZungu ulimale iPirates ilungiselela ukubhekana neBloemfontein Celtic koweDstv Premiership eDr Molemela Stadium izolo ebusuku okuwumdlalo ezimnyama eziwunqobe ngo 1 - 0.

Iqembu liphinde laqinisekisa ukuthi uGabadinho Mhango obe ngumgadli ovelele ngesizini edlule akakalulami.

Abanye abasalashwa ngodokotela beqembu uThabiso Monnyane, Bongani Sam, noTshegofatso Mabasa. Izolo emdlalweni neBloemfontein Celtic kuphinde kwalimala isethenjwa seBucs, uThembinkosi Lorch ophume ngesiwombe sokuqala.

IPirates idlale izolo ngaphandle komqeqeshi uJosef Zinnbauer. Ngempelasonto edlule, ubuyele kwelakubo eGermany ngoba ephuthuma indodana yakhe okuthiwa isesimeni esibucayi esibhedlela.

Imibiko eqhamuke eGermany iveze ukuthi indodana kaZinnbauer isegumbini labagula kakhulu emuva kokuvelelwa yingozi yemoto emasontweni edlule. Iphini likaZinnbauer, uFadlu Davids, yilona ebelibambe izintambo ebhentshini koweCeltic izolo. UDavids kuzobhekwa kuyena ukuthi aqedele umsebenzi nakwiMTN 8 ngeSonto uma sebegadulisana nezimbangi iKaizer Chiefs.

IPirates izoya kulo mdlalo womlenze wesibili kowandulela owamanqamu ihamba phambili ngo 3-0.

Khonamanjalo umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt, ufuna ukubona abadlali abadala eqenjini bevuka belithwala iqembu elingenzi kahle.

UHunt uhlalelwe wumsebenzi wokwakha iqembu elizoshubisa umbango wezicoco yize engaqinisanga ngezinduku ezintsha.

IChiefs ijeziswe yiFifa ngokungasayinisi abadlali abasha amawindi amabili elandelana emuva kokwephula imigomo ngesikhathi isayinisa u- Andriamirado ‘Dax’ Andrianarimanana, ngo-2018.

“Kusobala ukuthi asinaso isikwati esikhulu ngakho okumqoka wukuthi abadlali abebekhona ngesizini edlule babesesimeni esilungele ukudlala. Sonke siyazi ukuthi omunye wabo uSamir Nurkovic akekho esikwatini okuyinto esilimaza kakhulu. Ushaye amagoli amaningi ngesizini edlule. Kuyabonakala manje sibhekene nenselelo kule ndawo.