Ezemidlalo Ibhola

IBanyana ikhombise i-Angola ukuthi kukhala esikabani isicathulo

Lungile Majoka|Published

LAPHA unozinti weBanyana Banyana u-Andile Dlamini uthathwe bezilolongela iCosafa Cup ngaphambi kokuvula kahle benquma i-Angola Isithombe: BACKPAGEPIX

IBANYANA Banyana iziyekele ukunqoba ngembudlu yamagoli umdlalo wayo wokuqala weCosafa Women Championship eseWolfson Stadium ePort Elizabeth.

Elakuleli ligcine lidlule ngo 2-0 kwi-Angola. Lo mphumela ulibeka endaweni enhle yokuqhubekela phambili kulo mqhudelwano elilwela ukuwunqoba okwesikhombisa.

Iqembu likaDesiree Ellis liqale ngegiya eliphansi kubonakala ukuthi amantombazane asenezinyanga agcina ukulithinta ibhola emdlalweni njengoba izwe belikuthaqa ngenxa yeCoronavirus.

Lokhu kusho ukuthi ayizange ibekhona imidlalo yeSasol Provincial League kanti neNational Women Soccer League yagcina ukudlalwa ngoMashi, yanqanyulwa ingakapheli imidlalo.

Nokho ngesikhathi uqhubeka umdlalo iminyakazo beyilokhu iya ngokuthembisa kubonakala ukuthi kukhona okuzogcina kuvelile.

Kuthathe isikhathi njengoba igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-40 lishaywa uLonathemba Mhlongo, obeqedela umnyakazo obuqalwe uMamello Makhabane esiswini.

Ngemuva kwalokho iBanyana ithole amanye amathuba ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kodwa yahluleka wukuwasabenzisa.

Cishe kusona sonke isiwombe sokuqala i-Angola ayizange iyinike ubunzima iBanyana njengoba ibingafiki emapalini.

Kwesesibili ezika-Ellis ziqhubeke lapho ebezigcine khona, zakha amathuba kulandelana. Ligcine lingenile elesibili elinikezwe uKarabo Dlamini ngemuva kwesibhudubhudu esibe semapalini.

Ibhola ebeligotshwe uMakhabane kwesokudla lingqofwe ngekhanda uCecilia Holweni, lashaya ipali, okuthe uma libuya lapho lancwinta uDlamini lase liyoqabula inethi.

Kwamanye amathuba esiwombeni sesibili, iBanyana ishaye ipali kwaze kwaba yikathathu.

Kufanele ukuthi lo mphumela uzomgculisa u-Ellis njengoba unikeza ukuzethemba iqembu ebelidle ngeningi labadlali abasha.

NgoLwesihlanu ngo-3.30 ntambama, iBanyana izobhekana ne-Eswatini, eshaye iComoros ngo 4-2 komunye umdlalo wayizolo.

IComoros ibihamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa i-Eswatini yabuya, yavalela amagoli amane, amanye awo abe wubudedengu bukanozinti wezimbangi.