Joel Masutha, coach of Tshakhuma Tsha Madzivhandila reacts during the 2020 MTN8 quarterfinal match between Tshakhuma Tsha Madzivhandila and Supersport United at Thohoyandou Stadium, Venda, on 17 October 2020 ©Samuel Shivambu/BackpagePix
UXOLISILE umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), uJoel Masutha ‘ngehlazo’ abalenzile lokunikela enkundleni ngabadlali abawu-14 ngesikhathi bebhekene neSuperSport United kowe-quarterfinal yeMTN 8 ngempelasonto.
Lokhu bekusho ukuthi unabadlali abathathu kuphela angakwazi ukushintsha ngabo. Ngokujwayelekile amaqembu aba nabadlali abawu-18 ohlwini lwabazodlala.
Ngemuva kokuwuqala kabi umdlalo, bededela amagoli amathathu esiwombeni sokuqala, bakwazile ukubuya esiwombeni sesibili bashaya amabili, bagcine behlulwe ngo 3-2.
UMasutha unikezwe umsebenzi wokuqeqesha ngasekupheleni kwesonto eledlule. Ngaphambi kwalokhu ubeqashwe njengomqondisi wosomaqhinga kodwa sashintsha isikhundla ngemuva kokuthi iqembu lilaxazwe ngobezoba ngumqeqeshi, uNorman Mapeza.
“Ngiyaxolisa kubona bonke abesemkhakheni webhola nakwiPSL. Ngibona sengathi ukube besikwazile ukulungisa izindaba zethu zokuphathwa kweqembu (nokubhaliswa kwabadlali), mhlawumbe besizowunqoba umdlalo. Ngicabanga ukuthi lokhu kube yisifundo kuwona wonke omuntu osebenzela iqembu,” kusho uMasutha ngemuva komdlalo.
I-TTM ibidlala kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule. Izithola isisesigabeni esikhulu emva kokuthenga isitifiketi seBidvest Wits. Lokhu kuyishiye ingenabo abadlali njengoba iningi labebekwiWits lithole amaphepha alikhululayo lasayina namanye amaqembu. Abadlali abebekwiTTM kuvela ukuthi akucaci ukuthi ngabe bafanele ukudlala kuleli qembu noma kwiSekhukhune United, edayiselwe isitifiketi sokudlala kwiGladAfrica Championship.
NgeSonto iTTM izovula imidlalo yeDStv Premiership ngokubhekana nelinye iqembu elithenge isitifiketi sokudlala esigabeni esiphezulu, iTS Galaxy. IGalaxy nayo ebidlala esigabeni sesibili, ithenge iHighlands Park. Umdlalo wabo useThohoyandou Stadium, eLimpopo ngo-3.30 ntambama.
“Sithole abadlali abahle, wukuthi nje emizuzwini ewu-25 yokuqala (emdlalweni we-United) bebekhombisa ukuba novalo engicabanga ukuthi kudalwe wukuthi siziqeqesha kahlanu kuphela nabo kodwa ngibayekile badlala ngokukhululeka ngendlela abazi ngayo, bakhombisa ukuthi bangabadlali abasezingeni eliphezulu. Nakanjani ngokuzayo sizokwenza kangcono. Ngicabanga ukuthi iqembu lizoba sendaweni enhle, hhayi ukubalekela izembe,” kusho uMasutha.
Kubadlali abanesipiliyoni sokudlala esigabeni esiphezulu abajoyine iTTM kukhona uMogakolodi Ngele oshaye amagoli amabili, uJustin Shonga noLerato Lamola.