Ezemidlalo Ibhola

Akazigqaji uTau ngempumelelo yakhe eBelgium

Lungile Majoka|Published

UPERCY Tau ongu-mdlali weBafana Bafana uthi basajwa-yelana nomqeqeshi wezakhe i-Anderlecht. Isithombe: Samuel Shivambu/BackpagePix

PHEZU kokuthi kubonakale sengathi uPercy Tau ufike wangena khaxa eqenjini lakhe i-Anderlecht, ebingelela ngamagoli kodwa lo mdlali weBafana Bafana uthi inkonyane isathuka isisinga kuyena kuleli qembu elidlala esigabeni esikhulu eBelgium.

UTau utheleke izolo kuleli ukuzohlanganyela nozakwabo kwiBafana njengoba namuhla bezobhekana neNamibia kowobungani.

Umdlalo ungo-7 ebusuku eRoyal Bafokeng Stadium. Omunye umdlalo ungeSonto kuyona le nkundla ngo-3 ntambama

Lo mdlali, wabingelela ngegoli emdlalweni wakhe wokuqala we-Anderlecht kanti useshaye amagoli amathathu wakha amanye emidlalweni eyisikhombisa.

Enkulumeni abe nayo nabeSafa.net, ebuzwa ukuthi ngabe konke kuhamba kahle njengoba sengathi bayatholana nomqeqeshi wezakhe, uVincent Kompany, uthe: “Hhayi, kuya ngokuhlangana khona. Ngisemusha eqenjini. Ngisenemidlalo eyisikhombisa nomqeqeshi naye usemusha. Usuka ekubeni umdlali njengoba esengumqeqeshi, konke kusekusha kodwa sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kuhlangana kanjani njengoba kusayiniswe nabadlali abasha.

Sisayitholile imiphumela emihle kodwa sisanda kuhlulwa, sadlala eminye ngokulingana. Ngakho kusamele sithole amaphuzu.”

Yize engazange athole isikhathi esanele sokuziqeqesha neBafana ngaphambi komdlalo wanamuhla, uthemba ukuthi uzolithoba ithuba lokudlala.

“Nakanjani ngizele ukuzodlala ekhaya. Kuhlezi kuyithuba elihle kimina ukudlalela iqembu lesizwe. Kuyajabulisa nokubona nabanye ozakwethu lapha. Okwethu wukubona ukuthi sihlangana kanjani uma sesiziqeqesha namuhla (izolo ntambama).

“Kumele sikhombise ukuthi laba abanye ozakwethu bangasethemba futhi nathi singabathemba. Sizobona ukuthi sitholana kanjani. Ngithemba ukuthi sizoyinqoba imidlalo,” kusho uTau.

UTau ubolekiswe kwi-Anderlecht yiqembu lakhe lase-England iBrighton and Hove Albion elingakwazi ukumsebenzisa ngenxa yemithetho eqinile ye-English Football Association yokunikeza abadlali bangaphandle imvume yokusebenza.

Sekuyisizini yesithathu ebolekiswa kwinkontileka yeminyaka emine ayisayina neBrighton. Onyakeni wokuqala ubolekiswe kwiRoyal Union Saint Gilloise khona eBelgium esigabeni esiphansi, waba umdlali ovelele wesizini. Ngesizini edlule ugijime kwiClub Brugge esigabeni esikhulu seligi, wadlala okokuqala kwi-Uefa Champions League.