Ezemidlalo Ibhola

Weneme kakhulu ngoZungu umqeqeshi weRangers FC

Lungile Majoka|Published

UMQEQESHI weRangers FC, uSteven Gerrard, uncome umdlali weBafana Bafana, uBongani Zungu, ngokuba wuhlobo lomdlali abebemfuna ukuqinisa ngaye iqembu. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix

UMQEQESHI weRangers FC, uSteven Gerrard, uncome umdlali weBafana Bafana, uBongani Zungu, ngokuba wuhlobo lomdlali abebemfuna ukuqinisa ngaye iqembu.

UZungu kugcine kumlungele ejoyina iRangers edlala kwiScottish Premiership ngemizuzu yokugcina ngaphambi kokuvakwa kwewindi.

Kuke kwaba nokungabaza ukuthi lo mdlali oyibamba esiswini uzoya kuleli qembu ngemuva kokuvela kwemibiko ethi iRangers isimanqika ngoba ikhala ngokuthi uzimukile. UZungu wayichitha njengampunge le mibiko.

NgoMsombuluko iqembu liqinisekisile ukuthi selifinyelele esivumelwaneni sokumboleka isizini eyodwa uZungu eqenjini lakhe i-Amiens yaseFrance. UZungu ubengekho ezinhlelweni ze-Amiens kusukela kuqale isizini entsha eFrance ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi unezingxoxo neRangers.

Ephawula uGerrard, oyinkakha yebhola lase-England nozakhele igama edlala kwiLiverpool, uthe uZungu uzoliqinisa iqembu lakhe.

“UBongani uwuhlobo lomdlali ebesimfuna, ozoqinisa isisu. Sikubeke obala ukuthi sifuna umdlali ozokwenza siqine isikwati sethu neqembu labawu-11 abazoqala umdlalo. Sikholwa wukuthi uBongani ungena khaxa kulokho,” kusho uGerrard kwi-website yeqembu.

“Besifuna umdlali wasesiswini onamandla okwaziyo ukulawula, onegama, ongasiza iqembu futhi akwazi ukusebenzisana nabadlali esinabo. Besilokhu simbhekile isimo sakhe, lesi bese kuyisikhathi esifanele.”

UZungu uzojoyina iqembu selinemidlalo ewu-10 yeligi laqoqa amaphuzu awu-26. Okwamanje iRangers isazihola phambili, ihlukaniswe ngamaphuzu amathathu nompetha iCeltic abangemuva ngomdlalo owodwa.

IRangers izodlala kwi-Europa League kule sizini, umdlalo wayo wokuqala wamaqoqo ungo-Okthoba 22 neStandard Liege yaseBelgium.

“Sikholwa wukuthi sinesikwati esizokwazi ukuncintisana kuyona yonke imiqhudelwano, lapha ekhaya nase-Europe. Sigculisekile, sikubheke ngabomvu ukuthi uBongani ajoyine isikwati,” kuphetha uGerrard.

UZungu uthe naye uzihluphile ngokuthola ulwazi ngeqembu aya kulona.

“Ngilicubungulile iqembu ngikholwa wukuthi kukhona engizofika nakho okuzolisiza libe ngcono. Ithuba lokudlalela iqembu elikhulu njengaleli nelokudlala emiqhudelwaneni yase-Europe liyangijabulisa,” kusho uZungu.

Ukuthola iqembu azodlala kulona uZungu kubukeka kuzomsiza ekutheni abuyele eqenjini lesizwe iBafana.

IBafana izogijimisana neNamibia kusasa eRoyal Bafokeng Stadium ngo-7 ebusuku. NgeSonto izodlala neZambia enkundleni efanayo ngo-3 ntambama. Le midlalo ithathwa njengoyokuzicijela ukubhekana neSao Tome and Principe ngoNovemba kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations.