Ezemidlalo Ibhola

Ukunqoba kuzobuyisa ukuzethemba: Hlatshwayo

Lungile Majoka|Published

Thulani Hlatshwayo of South Africa during the 2019 Africa Cup of Nations Finals, quarterfinals match between Nigeria and South Africa at Cairo International Stadium, Cairo, Egypt on 10 July 2019 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

KUMQOKA ukuthi abadlali beBafana Bafana babuyise ukuzethemba ngokunqoba imidlalo yobungani abazoyigijima neNamibia neZambia ngokwehlukana kuleli sonto, kusho ukaputeni, uThulani Hlatshwayo.

IBafana izoqale ingcwekisane neNamibia ngoLwesine eRoyal Bafokeng Stadium ngo-7 ebusuku. Izobe isitholana phezulu neZambia ngeSonto enkundleni efanayo ngo-3 ntambama.

Imidlalo yandulela emqoka yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2021, iBafana ezoyidlala neSao Tome and Principe ngoNovemba.

Umdlalo wokuqala ungoNovemba-9, owesibili ube ngoNovemba 11. Imidlalo kwakumele ibe ngoMashi kodwa yahlehliswa emuva kokuthi umhlaba wonke uhlaselwe yiCoronavirus, emise imidlalo yamazwe namaligi emhlabeni.

UHlatshwayo uthe kusemqoka ukuthi babuyise ukuzethemba ngokuthi banqobe imidlalo yobungani.

Amazwe omhlaba abuyela enkundleni kuleli windi leFifa emuva kokuma kwemidlalo umhlaba wonke ngenxa yeCoronavirus.

“Kumnandi ukubuya emuva kwezinyanga ezinhlanu (engadlali amaqembu esizwe). Ngijabule ngokuba seqenjini lesizwe ikakhulukazi njengoba sase siyiqalile indlela yokuhlungela i-Afcon. Nakanjani sibheke ukuthola imiphumela emihle. Siyakwazi ukubaluleka kwayo. Sizobe sidlala namaqembu amabili esiwaziyo. Kusemqoka ukuthola imiphumela emihle njengoba silungiselela ukubhekana neSao Tome kabili,” kusho uHlatshwayo.

Umgadli weBafana, uKermit Erasmus, oqede isizini engomunye wabadlali abashaye amagoli amaningi kwiligi, uthe wethemba ukuthi uzoqhubeka nefomu naseqenjini lesizwe.

“Sengibheke imidlalo esiya kuyo. Ngithemba ukuthi ngizoqhubeka nokwenza lokho (ukushaya amagoli) naseqenjini lesizwe. Kuyajabulisa ukubuya emuva kwesikhathi eside esidalwe nyigciwane kodwa-ke lezi yizinto okumele siphile nazo. Ngithemba ukuthi sizoba nomdlalo omuhle sithole nomphumela omuhle,” kusho * -Erasmus.

Emidlalweni yokuqala yokuhlunga iBafana yahlulwa iGhana ngo 2-0 yase ishaya iSudan ngo 1-0. Izodlala nala mazwe ngoMashi ngonyaka ozayo.