UPHELELANI Mpangase uthi ukunganikwa kwabaqeqeshi isikhathi esanele ngamaqembu aseKZN yikhona okwenza angazinzi ezigabeni adlala kuzona Isithombe: BACKPAGEPIX Ntombela/BackpagePix
Exoxa neSolezwe ngeSonto ngesimo samaqembu aseKZN adlala kule sigaba wenze isibonelo ngeSwallows FC.
“ISwallows ingelinye lamaqembu angayiqalanga kahle le sizini, ngenxa yokuthi abaphathi bayo bamnike isikhathi esanele umqeqeshi (uBrandon Truter oyijoyine isanda kuqala isizini esuka kuRichards Bay FC) ukuhlanganisa iqembu, yingakho njengamanje isembangweni wesicoco seligi,” kuchaza uMpangase.
Le nkulumo kaMpangase isuswa kulolu khondolo olubi lwamaqembu aKwaZulu-Natal, lokuthi isikhathi esiningi kuba neqembu elidliwa yizembe nalawo avikayo esigabeni sePremiership, cishe kuwo wonke amasizini.
Phambilini bekuyinto eyaziwayo ukuthi ngesizini elandelayo beliba khona elaseKZN elizodla ubhedu esigabeni seFirst Division (Glad Africa Championship) likhuze ibuya kwiPremiership.
Kulawo maqembu kubalwa i-African Wanderers naMaZulu FC, okungamaqembu akhuze ibuya izikhawu eziningana - kusukela ngesizini ka-1996/1997 yokuqala kwePremier Soccer League (PSL) - ngemuva kokugencwa yizembe.
Ngaphandle kweMaritzburg United neGolden Arrows ababuye ngokushesha kwiPremiership, emuva kokudliwa yizembe ngamasizini ka-2006/07 neka-2013/14 ngokwehlukana.
Muva nje sekuthanda ukuba wumaka emaqenjini akulesi sifundazwe ukubuyela ngokushesha kuPremiership, ingasaphathwa eyokuwina isicoco seligi kulawo adlala kwiGladAfrica Championship.
IThanda Royal Zulu ebisiliqedile ishobolo lokwehluleka kwawaseKZN adlala kwiGladAfrica Championship ukunyukela kwiPremiership, negcine ithengwa yizikhulu zaMaZulu FC ngo-2017 ngemva kokwehluleka kwawo izikhawu ezimbili ukukhuza ibuya kwesinoju.
Bekulindelwe lukhulu kwiRoyal Eagles ngenkathi uSbu Mpisane, nowayengumkakhe, uShauwn (uMaMkhize), ngo-2014 bethenga iSivutsa Stars eyayidlala kwiFirst Division, lapho uMpisane wathi iqembu lakhe lalingezile ukuzosinisa amahleza.
Ukupheka kuthululwa kwabaqeqeshi nezinkinga zokuphathwa kwalo, kubukeka kuholele ekushiyeni kukaShauwn nokube yisiphazamiso kulo.
Ngesizini edlule lenze kangcono lizibekisela indawo kumaPlay-Off okulwela ukungena kuPremiership njengoba ngale sizini kubukeka inyanda yemuka nesibopho.
Kanti ngakolunye uhlangothi, ukukhushulelwa kwiGladAfrica kweReal Kings noThongathi FC amasizini elandelana esuka ku-ABC Motsepe League, kwenyuse amathemba ngokwanda kwamaqembu aseKZN kulesi sigaba, okubalwa neRichards Bay FC evale isikhala saMaZulu.
Ukwehluleka kwamaqembu ukwenyukela kwiPremiership phezu kokuba maningana kulesi sigaba, yikho okukhathaza abathandi bebhola abalandela imidlalo yeGladAfrica.
IKZN ilingana neGauteng ngesibalo samaqembu (amane) adlala kulesi sigaba.
UThongathi FC yilona qembu laseKZN njengamanje elidlala kuGladAfrica, elibukeka lisethubeni elingcono lokuzibekisela indawo kumaPlay-Off okungena kuPremiership, njengoba lisayibambe endaweni yesine ku-log yalesi sigaba.