USIYANDA XULU osesayine e-Israel okuvela ukuthi uke wafunwa yizinkunzi zaseSpain Isithombe: BACKPAGEPIX
KUVELA amaqiniso ngesilomo somdlali weBafana Bafana, uSiyanda “Magazi” Xulu, osanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili neHopoel Tel Aviv FC, yakwa-Israel.
Lesi sitobha sibuyele e-Europe ngemuva kweminyaka emihlanu sabuyela eNingizimu Afrika.
Phambilini uXulu uke wayibamba kwi-FC Rostov yaseRussia adlale kuyona iminyaka emihlanu kusukela kuka-2012 kuya ku-2015.
Ngaphambi kokuthi afudukele eRussia, uXulu kuvela ukuthi wayefunwa yizinkunzi zamaqembu aseSpain.
Imenenja kaXulu, uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency, utshele leli phephandaba ukuthi lo mdlali waphuthwa yithuba lokuyodlala kwiBarcelona, Real Madrid ne-Atletico Madrid.
“Waya kwiBarcelona kodwa abantu abaningi abazi ukuthi sasesiqede yonke into nayo. Izikhulu zeBarcelona zasiyalela ukuthi asibuyele eNingizimu Afrika, zizimisele ngokusayinisa uSiyanda futhi bazoqhubeka nezingxoxo neMamelodi Sundowns,” kusho uMitchell.
UXulu wazakhela udumo ebholeni elikhokhelayo ngaphansi kwenkakha yeBarcelona, uHristo Stoichkov ngesikhathi isacija iSundowns.
Ngemuva kwezinyanga nje engene ebholeni elikhokhelayo ngo-2009, uXulu wazithola esendizeni ebheke eBarcelona naseLondon eyozama inhlanhla kumaCatalans nakwi-Arsenal.
“Ngaphambi kokuthi sihambe eBarcelona ngathintwa iReal Madrid. Bathumela omunye wezinhloli zabo ukuthi sizame ukuntshontsha uSiyanda kodwa sasingeke sikwazi ukwenza lokho ngoba sabe sesinesivumelwano neBarca. Ngemuva kwamasonto amabili zajika izinto. IBarca yaba nokhetho, kwangena ubuholi obusha. Yilapho kwajika izinto okubalwa izinhlaka zokuthuthukiswa kwamakhono kwiBarcelona. Ngaleyo ndlela indaba kaSiyanda neBarcelona yaphela kanjalo,” kulandisa uMitchell.
Kumasizini amabili adlule uXulu waqokwa njengesitobha esivelele kwiPremier Soccer League (PSL) ngemuva kokusiza iMaritzburg United ukuthi iqede endaweni yesine kwi-log.
“Abantu abazi ukuthi i-Atletico Madrid yafaka isicelo kwiSundowns, ngoXulu ngemuva kokuphuthwa yithuba lokuyodlala kwiBarcelona. Leli qembu lalifuna ukwenza isivumelwano sokuthi abolekiswe ngombandela wokuthi bazomthenga. ISundowns yasichitha isicelo,” kubeka uMitchell.
KwiRostov, uXulu unqobe isicoco somkhumulajezi iRussian Cup kodwa izinsuku zakhe eRussia aziphelanga kahle.
“Ukukhuluma iqiniso konke kwaqala kahle eRussia. Unyaka wokugcina owaba yinkinga ngoba iqembu lakhe labhekana nenkinga izinyanga eziyisishiyagalolunye. Wayengawutholi umholo. Uyacabanga ukuthi kunzima kanjani ukuhlala izinyanga, ungaholi,” kusho uMitchell.
Inkontileka kaXulu neMaritzburg abeyidlalela iphele kule sizini.
“Okwenza uSiyanda abe nkamunkamu phesheya yingoba uqale ukudlala ezingeni elikhokhelayo eneminyaka engu-17. Amaqembu ase-Europe afuna abadlali abancane. Yingakho kube lula manje ukumyisa phesheya,” kusho uMitchell.