SEZIPHINDE zagcwala ngokushesha izikhala zabagijimi abangenele ukubamba iqhaza kwiComrades Marathon yango-2025, ngesikhathi esifushane abeComrades Marathon Association (CMA) bevule elinye ithuba lemingenelo.
Njengoba i-CMA ibisiphinde yavula elinye ithuba lokubhalisela izikhala ezingu-1000 zabagijimi okuqala ngoLwesihlanu ngo-8 ekuseni, ngamahora amabili nje kuvulwe elinye ithuba lokubhalisa, ziphinde zagcwala izikhala ungakashayi u-12 emini.
Lokhu kuqinisekiswe ngusihlalo omusha we-CMA, uMqondisi Ngcobo, esitatimendeni esiphume ngoLwesihlanu kwi-website yale nhlangano ehlela iComrades Marathon.
“Sithokoze kakhulu ngesasasa elikhonjiswe ngabagijimi besebenzisa elinye ithuba lemingenelo ebesesiphinde salivula.
Lokhu kuwubufakazi bokuthi iComrades Marathon ingumjaho osezingeni eliphezulu kakhulu. Ngakho simagange ngokubona abagijimi bethu bebamba iqhaza kulo kwiComrades ngonyaka ozayo,” kusho uNgcobo.
Kuthiwa abasubathi abasale ngaphandle sebezothola elinye ithuba ohlelweni lwale nhlangano olaziwa nge-Comrades Substitution Process (lapho abagijimi ababhalisile bengeke besakwazi ukuqhubeka nomjaho, bephuma banikezele abanye ngezindawo zabo). Lolu hlelo luzokwenzeka ngoMashi no-Ephreli, wangonyaka ozayo.
Abe-CMA ngesikhathi bethula umjaho wangonyaka ozayo, babethe badinga abagijimi abawu-23 000, okuyisibalo sabagijimi okushaye uMgqibelo odlule babe sebebhalisile.
IComrades yangonyaka ozayo izogijinywa ngoJuni 8 isukela eMgungundlovu, isongwe eThekwini.