UKHALE ngesimo sezulu saseGauteng, uSabelo "Mkhonto’’ Cebekhulu (25) eshaywa ngamaphuzu nguCharlton Malajika empini yebhande le-WBA Pan African Bantamweight ebise-Emperors Palace.
Kule mpi ebiyingxenye yomqhudelwano weGolden Gloves Promotions kaRodney Berman, uCebekhulu, waseDukuduku, eMtubatuba, utshengise okukhulu ukukhula kwezamankomane.
Izimpawu zokuphelelwa umoya ziqale ukubonakala ngomzuliswano wesihlanu ethelwa phansi uMalajika. Nokho uvuke wazithintitha, kwaze kwashaya umzuliswano wokugcina esayibambile.
Utshele Isolezwe ukuthi ukube bekuya ngaye ngabe amalungiselelo ale mpi uwenzele eGoli.
"Kuyikona nje ukuthi imali ayikho. Ukube kuya ngami ngabe ngihlale inyanga yonke eGoli, ngilungiselela le mpi. Ngisuke eThekwini ngoLwesithathu. Kungilimaze kakhulu lokhu. Ngesikhathi ngilwa, ngiqale ngezwa ukoma kwamakhala. Kube sekulandela ukuphelelwa wumoya," kubeka uCebekhulu ongumpetha we-WBF International Bantamweight.
Ubonge wanconcoza kubaphathi be-Ace Butchery and Restaurant ngokumxhasa kwezinye izinto ezithinta amalungiselelo ale mpi.
Akakuphikanga ukuthi nokuhlala isikhathi eside engalwi kumlimazile. UCebekhulu wayegcine ukulwa noLayton Gloss ngoJulayi nyakenye. Bekuyimpi yakhe yesishiyagalombili kusukela aqala isibhakela esikhokhelayo ng-2019. Ubeqala ukwehlulwa.
"Kungiphathe kabuhlungu lokhu kwehlulwa. Okungiphatha kabi kakhulu yirekhodi lami ukuthi lingcoliswe ngumuntu ongekho ezingeni lami. Njengoba ngisho ngishaywe yisimo sezulu saseGoli. Akusenani ngizovuka ngizithintithe," kuqhuba uCebekhulu.
Empini yosuku, uSiyakholwa "One Way" Kuse ushaye ngamaphuzu uBeavan "The One" Sibanda waseZimbabwe kweyebhande ebelingaphethwe muntu le-Silver WBC Strawweight.
Kulo mqhudelwano bekukhona nomakadebona, uLennox Lewis wase-USA, obehamba nomshayisibhakela uKestna Davis waseJamaica oshaye uPieter de Klerk ngomgqimuzo womlalisa phansi emzuliswaneni wesine kweye-Super Middleweight. ULewis, osewaphanyeka amagilavu emgibeni, njengoba wagcina ukulwa eNingizimu Afrika, eCarnival ngo-Ephreli, wango-2001. Waphuma eringini esephucwe nguHasim Rahman amabhande amathathu okungele-WBC, IBF nele-IBO emgingqa phansi ngomzuliswano wesihlanu. Lo mqhudelwano wawubizwa nge-Thunder in Africa. Nokho uLewis waphinde wawabuyisa la mabhande kweyayiseMelika ngasekupheleni kwawo u-2001.