KUHLUKENE imibono kungena u-Andile Mpisane enkundleni izolo ngesikhathi iqembu lakhe, iRoyal AM, libhekene neKaizer Chiefs koweMacufe Cup.
Bekungokokuqala iMacufe Cup idlalwa eminyakeni emithathu. IRoyal AM ingene kulo mqhudelwano ngoba ingasekho iBloemfontein Celtic ebijwayele ukudlala neChiefs kulo mqhudelwano. Iqembu likaShauwn Mkhize yilona elathenga igunya leCeltic lokudlala esigabeni esikhulu kuleli.
Ngaphambi kokuqala kwalo mdlalo abaqeqeshi bamaqembu, u-Abram Nteo, opheka iThwihli Thwahla, noZwane, bakubeke kwacaca ukuthi bazowusebenzisela ukubona abadlali kulaba abangalijwayele ijezi.
IRoyal AM, eyinika inkinga iChiefs nasemidlalweni yeligi, inqobe ngo-4-2 emaphenathini kulandela ukuthi uKeagan Dolly noThabo Mokoena beChiefs beshwebile.
Nokho uDolly nguyena oholele ekutheni umdlalo uye kumaphenathi ngemuva kwe-free kick enhle yokulinganisa ayishaye esikhathini sikanompempe esiwombeni sesibili
Abathandi bebhola bakhale ngokuthi uMpisane ufakwe isikhathi esincane enkundleni, wangabonakala ngisho eliphethe ibhola. Abaningi bebenethemba lokuthi uzothola ithuba lokushaya elakhe iphenathi kodwa lutho.
Cphamandla Sokaz Khumalo: Ukube ubengukaputeni bekumele alithathe ngesikhathi engena ibhande, lo mfana unomhobholo akaze alithinte nebhola nephenathi wangaya ukuyoyishaya. Hhayi lo mfana ungunontandakubukwa.
Menzi Memela: Umona ifa lezilwane emhlabeni, iqembu likamama wakhe leli, uma efuna ukudlala akadlale. Akekho umuntu ongakutshela ngebhizinisi lakini, onenkinga akavule elakhe.
Zamani Singathwa: Ukuxhaphaza abadlali nje leyonto, ukaputeni wangempela wenziwa isilima la, ukuthi ungafike ube ukaputeni kodwa uncishwe ithuba lokuqubula indebe njengokapteni.
Mbongeni Ngcobo: Ijabulise ingane yakho noma abantu bangathini ngoba iyohlezi iyingane yakho. Ungumama onothando phezulu MaMkhize ❤️❤️❤️🙏🙏🙏
Liberty Nhlapo: 😂😂😂😂 Hhayi Admin musa ukudlala ngomfana kaMaMkhize, nisho ukuthi akaze alithinte? Kodwa ungcono kunoBilliat, angazi ukuthi indebe isinda kangakanani seloke wajoyina leli qembu.