INDIMA yesibhakela eNingizimu Afrika ithathe igxathu elibonakalayo ekunikeni amathuba abashayisibhakela besifazane kodwa kuningi okushiye imibuzo ngokulangazelela ukufinyelela esicongweni kwabaphethe ezamankomane.
Unyaka u-2023 ubunezingqinamba eziningi kwezamankomane eMzansi, kusukela emaphutheni amajaji kuya ekushintshweni kwezinqumo ngabawinile kwezinye izimpi. Isigameko esishiye abaningi bebambe ongezansi ngesokuguqulwa komphumela wezimpi emuva kwezinsuku.
EZISHAQISILE
Abaningi basale beshaqekile ngesikhathi umshayisibhakela wesifazane uMellisa Miller eyalelwa ukuthi abuyise ibhande le-SA Bantamweight emuva kwezinsuku ezintathu emenyezelwe njengoliwinile ebhekene noSheradene Fortuin empini ebise-East London ngoJulayi.
Lokhu kuwumphumela wephutha elenziwe yimenenja yeBoxing South Africa (BSA) e-Eastern Cape, uPhakamile Jacobs, owahlanganisa amakhadi amajaji wathi kuwine uMiller. Ngokwamajaji akekho obewinile phakathi kukaMiller noFortuin obevikela ibhande. Lokhu bekusho ukuthi uFortuin uyaligcina ibhande lakhe.
Ubengaqali ukugila lo mkhuba uJacobs kwazise nyakenye uwinise uPhumelela Cafu esikhundleni sikaJackson Chauke owayevikela ibhande le-SA Flyweight. Lokho kwathatha izinsuku ezimbalwa ukukulungisa. Ngaphezu kwalokhu, ibhodi yeBoxing South Africa (BSA) iyishaye indiva imithetho, ivumele umshayisibhakela uSifiso Hlongwane, ongekho ezilinganisweni zabangu-10 abagaqele ibhande ukuthi alilwele. Lokhu kuholele ekutheni kwesule esikhundleni usihlalo we-ratings committee, u-Andre de Vries. Sekuwumlando ukuthi uHlongwane ukhale ngaphansi ku-Asanda Gingqi wase-Eastern Cape, wakhala wemuka nebhande le-SA Junior Lightweight.
EZIMBI EZENZEKE NGO-2023
INingizimu Afrika ibambe umoya ngesikhathi kuvela ukuthi uLudumo “9mm” Lamati uquleke eringini ngesikhathi ebhekene noNick Ball empini yebhande le-WBC Silver Featherweight eBelfast, eNorthern Ireland ngoMeyi. ULamati uquleke izinsuku ezimbalwa. Ugcine ebuyile eMzansi kodwa akubukeki ezobuyela eringini ngenxa yokushayeka ekhanda. Ngo-Okthoba kudlule emhlabeni umpetha we-SA Bantamweight, uRonald “King” Malindi emuva kwamasonto equlekile esibhedlela kulandela ukudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ephuma ejimini.
UKUSHINTSHA KWEBHODI YE-BSA
Ukuphela kwesikhathi sebhodi endala yeBoxing South Africa (BSA) kufane nokwehla komthwalo emahlombe kwabaningi esibhakeleni ngenxa yokungagculiseki ngokusebenza kwelidala.
Enye yezinto ezakhele isigcwagcwa ibhodi endala wukuthambisa umthetho kwabanye kodwa iqinise isandla kwabanye. Kunophromotha abavunyelwe ukuqhatha izimpi bengayifakanga kwiBSA imali yokukhokhela abashayisibhakela kodwa kwabanye bezimiswa izimpi ngisho sekusele usuku kungenwe eringini.
Nakuba injabulo inkulu kubantu besibhakela ngebhodi entsha kodwa inhlangano yophromotha, iNational Professional Boxing Promoters’ Association (NPBPA) iqonde enkantolo ikhala ngokuthi uNgqongqoshe wezeMidlalo, uZizi Kodwa, akayilandelanga imigudu efanele ngesikhathi eqoka ibhodi entsha eholwa nguSifiso Shongwe. Inkantolo ivune iNPBPA kodwa uKodwa akagudlukanga esinqumeni sakhe nesikhathi sokuqala kwebhodi entsha ngoDisemba 12. Ibhodi entsha, ezosebenza kuze kushaye u-2026, yakhiwe ngoLuxolo September, Sakhiwo Sodo, Romy Titus, Princess Mangoma, Nande Mheshe noDr Mary-Gene Manthata-Setati.
OKUTHEMBISAYO NGO-2024
INingizimu Afrika isale ingenaye umpetha womhlaba ngo-2023 kulandela ukuhlwithwa ibhande le-IBF Junior Flyweight kukaSivenathi “The Special One” Nontshinga ngu-Adrian Curiel waseMexico. Okuhle wukuthi ikhona likaNontshinga selimtholele impinda ezoba ngoFebhuwari 16 phesheya kwezilwandle. Leli yithuba likaNontshinga lokubuyisa ibhande lakhe. Ngaphandle kukaNontshinga, umakadebona uJackson “M3” Chauke uzolwela ibhande le-IBO flyweight noQuaise Khademi wase-Afghanistan ngoJanuwari 27 e-UK. UChauke uyingqwele yaseMzansi esisindweni se-flyweight.
Akufihliwe ukuthi isibhakela saseMzansi sehlile ngo-2023. Kodwa okuhle okubonakele wukwanda kwezimpi ezifaka abashayisibhakela besifazane abebencishwe amathuba phambilini. Uhlelo olwaziwa ngeRise of Women In Boxing luzungeze izifundazwe eMzansi futhi lwaba impumelelo. Mhlawumbe yikona kuphela ibhodi yeBSA endala engazishaya isifuba ngakho. INingizimu Afrika kufanele yakhele phezu kwayo le mpumelelo ukuze kuqhamuke omunye umpetha womhlaba wesifazane. Okwamanje kusakhulunywa ngoNoni Tenge kuphela uma kubalwa ompetha bomhlaba besifazane bakuleli. UTenge wawina ibhande le-IBF weltweweight ngo-2011.