UKHOTSO Mokoena, oyinkakha kweze-long jump, uthi akangabazi ukuthi iqembu labasubathi elikumaCommonwealth Games, lizozithoba izinhliziyo zabakuleli ngobuhlungu obenzeke kumaWorld Athletics Championships.
UMokoena, ongusihlalo wekomidi elibheke izindaba zabadlali kwiSouth African Sports Confederation and Olympic Committe (Sascoc), uhambe neqembu lakuleli eliseBirmingaham, e-England, kumaCommowealth Games aqala ngoLwesihlanu.
Akaconsi phansi kwabakuleli njengoba anqobela izwe indondo yegolide emqhudelwaneni owawungo-2014, eGlasgow, eScotland. Waqala ngo-2006 ewina isiliva eMelbourne, e-Australia.
Ngempelasonto edlule kusongwe imidlalo yamaWorld Champs e-Oregon, e-USA, iqembu labangu-40 le-track and field lakuleli ebelithunyelwe alibuyanga neyokubika indondo. Abanye abadlali badlulele kumaCommonwealth Games.
"Ngicela abantu bakithi bangahluleli abasubathi bethu ngento eyenzeke eMelika. Ekuseni besinomhlangano nalolo lonke iqembu lethu. Kuvunguza umoya wokunqoba. Nginesiqiniseko esiphelele sokuthi zikhona izindondo abazobuya nazo. Akekho umdlali othi uma engene ebhanoyini angacabangi ngokunqoba indondo. Buza mina, izwe lami sengilimele kweminingi imiqhudelwano,“ kusho uMokoena.
"Iqembu lethu linabagijimi abasebancane, abasalambele impumelelo. NaseMelika, abasubathi bazamile. Bengingababhekile ukuthi bazokwazi ukwedlulela ezigabeni zesibili nakwezamanqamu. Asibaseke ngakho konke, banekusasa," kubeka uMokoena, onezindondo ezimbili kuma- Olympic Games.
Phakathi kwamaqembu uMokoena abheke ukuthi abuye nezindondo ubale, elenetball, elokubhukuda, yizo ezokusubatha, nelo mbhoxo.
"Njengoba sizosingatha imidlalo yomhlaba ye-netball ngonyaka ozayo kungaba yinto engajabulisa uma amaProteas engabuya nendondo kumaCommonwealth. Lokhu kungakhulisa nesasa lokuza ezweni lethu kweNdebe yoMhlaba," kuqhuba uMokoena.
Ngaphambi kwemidlalo kunabadlali abahoxile ngenxa yokulimala. Lapha kubalwa uMarizanne Kapp noTrish Chetty abeqembu labesifazane lekhilikithi, kukhona no-Alan Hatherly, Mariska Strauss noNicholas Dlamini abashova amabhayisekile.
Kanti abanye bangoLuxolo Adams ogijima u-200m, Ernst van Dyk ogijima ngesihlalo samasondo, Nicholas Quenet wetriathlete, no-Alan Cummings wehammer thrower. Omunye ongekho eqenjini, nguWayde van Niekerk kepha okwakhe kwehlukile, akafakwanga esikwateni.
Ngo-2018 kumaCommonwealth, ayeseGold Coast, e-Australia, elakuleli lanqoba izindondo eziwu-37.