UMSHAYISIBHAKELA wesifazane waKwaMashu, uNomusa Ngema, uyalethemba iqhinga lakhe akholwa wukuthi lizomsebenzela empini yebhande laseMzansi.
UNgema (3-1-0) ucele inselelo kumpetha we-SA Female Junior Featherweight uMatsidiso Mokatsane waseFree State. Impi izoba seBloemfontein City Hall namuhla ngo-6 ntambama. Ingenye yezihlelwe yiDream Team Promotions kaLebo Mahoko. Kuzoba kungokokuqala uNgema elwela ibhande laseMzansi kusukela eqale isibhakela esikhokhelayo ngo-2021. Ezimpini ezine, usawine ezintathu, wahlulwa kanye.
“Ngiyajabula kakhulu ngokuthola ithuba lokulwela ibhande laseNingizimu Afrika. Ngiyafuna ukubuya nalo, ngizimisele. UMatsidiso kade aliphatha leli bhande, iminyaka isibalelwa kweyisishiyagalombili. Ngangisalwa esigabeni sama-amesha eliwina. Ngizilungiselele ngokwanele ukubhekana nakho konke azokwenza eringini,” kusho uNgema.
UMokatsane (17-10-2), obaziwa ngoMokebisi ngaphambi kokushada, uzovikela ibhande leJunior Featherweight okwesihlanu. Waliwina ngo-2015 lingaphethwe muntu ehlula uWinnie Mphahlele. Nyakenye ulivikela ngempumelelo kuMonalisa Takane empini ebiseBhayi. Empini yakamuva ngo-Agasti, uMokatsane, wehlule ngomcacamezelo womlalisa phansi uCecilia Pitiseni waseZimbabwe empini yemizuliswano eyisishiyagalombili.
UNgema uthe uyakwazi okufanele akuqaphele kuMokatsane. Uma ephumelela ukuwina ibhande laseMzansi, uzoba ngumshayisibhakela wesithathu wesifazane waseKZN ongumpetha waseNingizimu Afrika. Ngaphambi kwakhe kukhona uThema Zuma waseDududu ophethe ele-SA Female Super Flyweight noMapule Ngubane waseMgungundlovu ongumpetha we-SA Middleweight.
“Ngambuka eMpumalanga elwa noMonalisa Takane. Unesibhakela sesokudla esinamandla esiyingozi okufanele ngisiqaphele. Kufanele ngisheshe kunaye. Isibhakela sesokudla ngizosizwa ngomzuliswano wokuqala. Uma singixaka, ngizombalekela kodwa uma ngithola ithuba ngiphose izibhakela eziningi,” kusho uNgema.
“Anginazo izimpi eziningi esibhakeleni esikhokhelayo kodwa ngikulungele ukuwina ibhande. Ngifuna ukuba ngumpetha. UMatsidiso usemdala, sekufanele adedele thina. Naye ngizomtshela ukuthi akasidedele manje, akabone ukuthi unyukela kusiphi isisindo. Ukuwina kwami leli bhande kungavula iminyango eminingi kimina.”