UTHWELWE ngeqoma umdlali weqembu lesizwe ogijima ngasophikweni lwesokudla, uCheslin Kolbe.
UKolbe ubhekwe njengempendulo yokuweza amaBhokobhoko ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku, lapho ezotholana phezulu neFrance eStade Velodrome, eMarseille.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi umqeqeshi weqembu uJacques Nienaber, etshela abezindaba ukuthi nguKolbe ozobhekana nokukhahlelela amapali emdlalweni.
UKolbe noDamian Willemse bebebambisene ngokwenza umsebenzi ngesikhathi beshaywa yi-Ireland ngo 19-16 ngempelasonto edlule. Yilapho abashweba ama-conversion amabili, nephenathi eyodwa uma sekukonke.
UNienaber wenze izinguquko ezinhlanu eqenjini eliqalile emdlalweni wabo ne-Ireland, ezimbili zisemuva bese ezintathu ziba phambili.
NguWillie Le Roux ozoqala kwi-fullback, kuthi uKolbe agijime ngasophikweni lakwesokudla, uKurt-Lee Arendse adlale ngakwesokunxele, okuchaza ukuthi uMakazole Mapimpi, uzoqala ebhentshini. UFaf de Klerk uzothatha indawo kaJaden Hendrikse, kwi-scrumhalf.
U-Ox Nche noBongi Mbonambi bazovala izikhala zikaSteven Kitshoff, noMalcolm Marx ngaphambili kwe-scrum, bese uFranco Mostert ethatha indawo kaLood de Jager, olimele kwi-lock.
“Siphoqelekile ukuthi senze ushintsho njengoba uLood elimele ehlombe sidlala ne-Ireland. Ezinye sizenziswe ukucubungula izinselelo esizilindele kwiFrance,” kusho uNienaber.
“Siyazi ukuthi silindeleni kumdlali ngamunye eqenjini lethu futhi sicabanga ukuthi indlela esibahlanganise ngayo izosisebenzela emdlalweni.
“UCheslin ubekhahlela eqenjini lakhe iToulouse futhi wakwenza kahle lokho, akuyona into okusamele ayijwayele. Nokho, uDamian kusadingeka ajwayele ukukhahlela emidlalweni yama-test."
Umdlali weStormers, uMannie Libbok, uzowuqala ebhentshini umdlalo. Uma kwenzeka engena enkundleni uzobe eqala ukudlalela iqembu lesizwe. Kungenzeka anikwe nethuba lokukhahlelela amapali ngoba ujwayele ukukwenza kwiStormers.
“IFrance ikhombisile kulo nyaka odlule ukuthi ingaba yiqembu eliqine kangakanani futhi izongena izethemba ngemuva kokudla i-Australia. Siyazi ukuthi sizobhekana nani,” kusho uNienaber.
Khonamanjalo, iqembu leSouth Africa A, elibunjwe ngabadlali asebesondele kumaBhokobhoko nalabo abake badlala eqenjini lesizwe elikhulu phambilini, namuhla ebusuku ngo-9:30 lizobhekana neqembu lase-Ireland, iMunster, edolobheni laseCork, e-Ireland.
Iqembu lizoholwa yiphini lomqeqeshi wamaBhokobhoko, uMzwandile Stick, obize abadlali abangu-14 abangakaze bawadlalele amaBhokobhoko phambilini.
Eqenjini kuboshelwe nabadlali asebeke baligqoka ijezi leqembu lesizwe njengo-Aphelele Fassi, Cornal Hendriks, Herschel Jantjies, Ntuthuko Mchunu, Joseph Dweba nabanye.