XOLILE MPISANE
AZIMISELE ngokwenyusa amasokisi amaqembu akuleli ezombhoxo njengoba ezodlala ngempelasonto emzuliswaneni wesibili, kwi-United Rugby Championship.
Mane amaqembu akuleli ayingxenye yalo mqhudelwano okubalwa amaSharks, amaLions, amaBulls namaStormers. Aqhathwe nezingqungqulu zamaqembu ase-Europe aqhamuka eWales, Scotland, Italy nase-Ireland.
AmaLions aseGoli, yiwona kuphela abuye nomphumela omuhle emzuliswaneni wokuqala eguqisa iZebre, okuyiqembu lase-Italy.
AmaSharks adliwe yiMunster yase-Ireland ngo 42-17, amaBulls aqunjwa phansi yiqembu lase-Ireland ngo 31-3. AmaStormers akwazile ukuthola iphuzu eliyibhonasi ehlulwa yiTreviso yase-Italy ngo 22-18.
Umqeqeshi wamaSharks, uSean Everitt, ukhale ngokungaziphathi kahle kweqembu lakhe emdlalweni wokuqala nokwenze lanika iMunster inqwaba yamaphenathi.
"Ngidumele ngokungaziphathi kahle kwabadlali bami. Sidale amaphenathi angu-16 futhi njalo uma senza lokhu bebesijezisa kabuhlungu," kusho u-Everitt.
"Emizuzwini engu-20 yokugcina esiwombeni sokuqala sidale amaphenathi amaningi kakhulu. Ngiyethemba ukuthi abadlali bethu abasebancane bafunde okuningi kulo mdlalo. Sisalelwe yimidlalo emithathu ekuhambeni futhi kumele sifunde ngokukhulu ukushesha.“
AmaBulls azobhekana neConnacht yase-Ireland, ngoLwesihlanu ngo-8:35 ebusuku, ngesikhathi esifanayo iLions izodlala neScarlets eWales. NgoMgqibelo ngo-4 ntambama amaSharks azozama ukuvuka ngeGlasgow Warriors yaseScotland, kuthi iStormers sitholane phezulu neMunster ngo-8:35 ebusuku.
Umqeqeshi weBulls, uJake White, uphoxekile ngendlela abawuqale ngayo umqhudelwano kodwa unethemba lokuthi bazobuya nokungcono ngemuva kokuzinuka amakhwapha.
"Njengomqeqeshi awufuni ukubona iqembu lakho lihlulwa kodwa kumele sibhekane namaqiniso mayelana nezinga esikulo nokuthi iLeinster ikuphi njengamanje," kusho uWhite.
“Bayiqembu eliyingozi futhi wonke amaqembu ngicabanga ukuthi abukela kubona. Iqembu elizobahlula lisethubeni lokuwunqoba lo mncintiswano kodwa uma kungekho obaphazamisayo, bazowunqoba.
"Leli yithuba elihle lokuthi sifunde, sizithuthukise. Akumnandi ukwehlulwa futhi angisho ukuthi senze okubi kodwa. Kukhona esikwenze kahle okumele sikubambe siqhubeke sakhe."
ILeinster neMunster baqhwakele kwi-log ngamaphuzu amahlanu ngemuva komzuliswano wokuqala. Amanye amaqembu anamaphuzu amahlanu amaLions, Cardiff, Ulster ne-Edinburgh.