Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweSharks unesibhobo ngomkhuba wokudedela umgqigqo

Mthokozisi Mncuseni|Published

NAKUBA ekujabulele ukuqashwa ngokugcwele kwiHollywoodbets Sharks u-JP Pietersen kodwa umphoxile umphumela abawuthole kwi-URC kule mpelasonto

Image: FACEBOOK/SHARKS

KAWUMHLELI kahle u-JP Pietersen umkhuba weHollywoodbets Sharks wokwenza kahle kule mpelasonto bese belandelisa ngokushaya udaka njengoba benzile ngesikhathi bekhala ngaphansi ngo 34-22 kwi-Emirates Lions Sharks emdlalweni we-United Rugby Championship (URC) ngoMgqibelo e-Ellis Park, eGoli.

ISharks ebihamba phambili ngaphambi kwekhadi eliphuzi likaJadon Hendrikse, igcine ngokuguqa kulo mdlalo obekusho nokushabalala kwamathuba aleli qembu laseThekwini okuvikela i-URC SA Shield eliyidle ngesizini edlule.

Emuva komdlalo, kwale kancane ukuthu uPietersen awukhombe kubadlali bakhe umunwe ngokudlala lo mbhoxo okuthiwa unenkosi phakathi kuleli sonto kodwa kuthombe okhiye uma sekufanele babambe umgqigqo.

“Eqinisweni akusizi ukunconywa ngokwenza kahle kuleli sonto bese kuthi ngelizayo kube sengathi besiqala ukudlala ndawonye.

“Kuyaphoxa lokhu ngoba kwenza nomsebenzi esiwenzayo kube sengathi ubuyela emuva. Besiwuphethe kahle umdlalo kwaze kwaba yikhadi eliphuzi.

“Nakhona kangisiboni isidingo sokuhlakazeka ngendlela okwenzeke ngayo ngenxa yekhadi ngoba siyaziqeqesha ngaso sonke isikhathi ukuhlelela ukubhekana nezimo zokudlala singasaphelele.

“Iqiniso ngalo mkhuba lilele kithina. Okufanele sikuthole kumbe sikuqonde ngukuthi ngabe ukubadlali noma ukithina ithimba labaqeqeshi,” kusho uPietersen oqashwe ngokuphelele esikhundleni sokupheka iSharks ekuqaleni kwesonto eledlule.