UMDLALI osemncane weKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, ukwabangenaso isipiliyoni abebeyibambe kwiCaf Confederation Cup
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UBONA kubaluleke kakhulu ukuthi iKaizer Chiefs ilwele ukubuyela emqhudelwaneni weConfederation of African Football (Caf) ngesizini ezayo, owayengumdlali wasesiswini kuleli qembu eminyakeni edlule, uTshepo Molatedi.
UMolatedi usho kanjena nje, iChiefs iphume esigabeni samaqoqo seCaf Confederation Cup iguqiswa yiZamalek yase-Egypt ngo 2-1 ngempelasonto, e-Egypt.
Ukuphuma kweChiefs kulesi sigaba somqhudelwano sekusho ukugxila ngokuphelele emidlalweni yeBetway Premiership njengoba iphume ekuseni nasemqhudelwaneni womkhumulajezi, iNedbank Cup.
“Ibithembisa kakhulu indlela iChiefs ebidlala ngayo esigabeni samaqoqo seCaf Confederation, futhi belikhona ithemba lokuthi ingafinyelela kuma-quarterfinal.
Kodwa-ke akusasizi ukukhalela ubisi oluchithekile ngoba kucacile ukuthi isipiliyoni yisona esibashayile abanye abadlali baleli qembu kulo mqhudelwano.
Okubalulekile manje ukuthi baziqoqe, bagxile ngokuphelele emidlalweni yeBetway Premiership ebasalele kule sizini, balwele ukuqeda endaweni engcono kakhulu kunaleyo abaqede kuyona ngesizini edlule,” kusho uMolatedi.
“Empeleni kufanele bakulwele ukubuyela kwiCaf nangesizini ezayo ukuze bajwayele ukudlala kulo mqhudelwano, njengeSundowns (Mamelodi) osekufana nasekhaya kuyona ukudlala kwiChampions League.
Basasalelwe yimidlalo engu-15, ngakho basenethuba elanele lokulwela ukuqeda kuTop 3, okuyinto abayidinga kakhulu.
Kule sizini akufanele sikhulume indaba ka-Top 8, kufanele sikhulume indaba ka-Top 3, hhayi okunye.”
Amakhosi asendaweni yesine kwi-log yePremiership ngamaphuzu awu-30 emidlalweni ewu-15. Asele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwi-Orlando Pirates eqhwakele ngawu-38.
Ngokwezibalo, Amakhosi asesembangweni wesicoco seligi ngokufanayo nePirates, iSundowns esendaweni yesibili neSekhukhune United esendaweni yesithathu.
Azobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya neStellenbosch FC ngoLwesibili ngoFebhuwari 24. Azosonga uFebhuwari ngokududulana ne-Orlando Pirates kowabakhaya baseSoweto ngoFebhuwari 28 eFNB Stadium, eNasrec.
Related Topics: