Isithombe UMQEQESHI weTS Galaxy, u-Adnan Beganovic, osezothola ukuphefumula njengoba izigwebo seziqediwe izigwebo zeFifa leli qembu ebelinswinywe ngazo ekusayinisweni nokubhalisa abadlali
Image: BACKPAGEPIX
KUBUYA ithemba kumqeqeshi we-TS Galaxy, u-Adnan Beganovic, ngokuqedwa kwezigwebo zeFifa obekunswinywe ngazo leli qembu ngemuva kokuba usihlalo waleli qembu, uTim Sukazi, eseyikhokhile inhlawulo ebidingeka.
UBeganovic uveze ukuthi maduze leli qembu selizokwazi ukubhalisa ngokusemthethweni abadlali ebelibasayinisile njengoba beligwetshwe yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ngenxa yokukweleta abadlali. IGalaxy ibikweleta umgadli waseLiberia uJegbay Morris Konneh.
UBeganovic uthe iFifa isaqinisekisa ukuthi lo mdlali owabafakela icala useyitholile yini imali ukuze ibakhulule bakwazi ukubhalisa abadlali.
“Ngokolwazi enginalo, isisusiwe enye ingxenye yesigwebo. Simkhokhele umdlali, uJegbay. Kodwa-ke uyazi iFifa isebenza kanjani, uyakhokha bese ulinda.
Uma eseyitholile imali kuzomele aqinisekise kwiFifa, bese-ke iFifa isiqeda isigwebo. Ngiyacabanga ukuthi ngesonto elizayo zonke izigwebo zizobe seziqediwe, bese sikhuleka sibhalise abadlali,” kusho uBeganovic ozwakalise ukukhathazeka ngokunqindeka kweqembu lakhe ekusayiniseni abadlali.
“Ukuphela kwalezi zigwebo kuzosisiza ekuqiniseni isikwati sethu, ikakhulukazi esiswini. UTshepo (Kakora), uGeorge osuka kwiRoyal AM, nabanye abadlali ababili abasebancane, bazosinika ububanzi esikwatini sethu. Inhloso yethu enkulu ukuqeda isizini sikuTop 8.”
Phakathi kwalabo badlali iGalaxy okulindeleke ibabhalise maduze kubalwa kubo kukhona uGeorge osuka kwiHighbury FC, uKakora osuka kwiMagesi FC, uMatome Mmolai osuka kwiLeicesterford City no-Onke Moletshe osuka kwiVenda FC.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini i-The Rockets ilahlekelwe ngabadlali abamqoka okubalwa kubona uLebone Seema noKamogelo Sebelebele abajoyine i-Orlando Pirates.
UQobolwakhe Sibande ujoyine iPetrojet yase-Egypt. Ngewindi likaJanuwari ihlukane noPuso Dithejane osayiniswe yiChicago Fire yase-USA noKhulumani Ndamane osayiniswe yiMamelodi Sundowns.
IGalaxy izobhekana neSundowns kowe-Last 16 weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga.
Related Topics: