UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, osafuna okungaphezulu kubadlali bakhe phezu kokuba leli qembu lingagayelwa mphako kulezi zinsuku
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
YIZE kubona nekhasela eziko ukuthi i-Orlando Pirates izimisele ngokulwela ukuqeda ukuchanasa kweMamelodi Sundowns esisiphendule esayo isicoco seligi yeBetway Premiership kodwa umqeqeshi wayo, u-Abdeslam Ouaddou, usafuna okungaphezulu kubadlali bakhe.
IPirates esinqobe imidlalo emithathu yeligi ilandelana, ivule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni se-log yePremiership ibhaxabula iMarumo Gallants ngo 3-0 ngoMgqibelo, e-Orlando Amstel Arena, eSoweto, ngamagoli kaYanela Mbuthuma, Patrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng.
ISundowns ebiyibambe kwiCaf Champions League ngempelasonto futhi esendaweni yesibili kwi-log, isele emuva ngomdlalo ezimbangini zayo iPirates.
Nakuba kunjalo kodwa u-Ouaddou akaneme ngezinga labafana bakhe afuna bamkhombise ukuthi bakufuna kangakanani ukuwina iligi.
“Kubalulekile ukuqobela amagoli uma ithuba livela, hhayi ukucucuza nokudlala ngamathuba phambi kwamapali.
"Kade ngiyisho le nto futhi isithanda ukuba yisifo, ukuthi uma sifuna ukunqoba izicoco kudingeka siwasebenzise ngendlela amathuba esiwakhayo okushaya amagoli.
"Asizele ukuzodlala isekisi la, sizoqhudelana namanye amaqembu. Kuningi okulindelwe ngabalandeli kuleli qembu lePirates. Yiqembu elikhulu e-Afrika, wonke umuntu oyingxenye yalo unezifiso zokuvelela, nami futhi kanjalo,” kusho u-Ouaddou.
“Siyafuna ukuwina isicoco seligi, ngeke sikufihle lokho. Ngakho uma kukhona labo (badlali) abangafuni ukuwina isicoco, kuzomele baphakamise izandla basho ngoba angifuni ukuchitha isikhathi ngabantu abafuna ukuzozihambela kancane nje enkundleni, angizelanga lokho la.”
Lo mqeqeshi ukhathazeka kanjena nje, eZimnyama zizotholana phezulu neSundowns emdlalweni obhekwe ngabomvu wePremiership phakathi kwala maqembu asembangweni weligi, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, eFNB Stadium, eNasrec.
Lo mdlalo umqoka kuwona womabili la maqembu ngezizathu ezahlukene, ikakhulukazi eZimnyama ezinethuba lokuzibambela amaSandawana abanga nawo isicoco seligi yePremiership.
Related Topics: