UMSHWIBI wamaProteas, uKeshav Maharaj, elungiselela umdlalo wokugcina wamaqoqo ne-United Arab Emirates.
Image: X / PROTEAS MEN
LIZODLALA owokugcina wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba ye-T20 seliphakathi emzuliswaneni olandelayo iqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa.
AmaProteas azosonga imidlalo kaGroup D ngokubhekana ne-United Arab Emirates e-Arun Jaitley Cricket Stadium edolobheni iNew Delhi, e-India, ngoLwesithathu ngo-7.30 ekuseni.
Iqembu lakuleli lizehlisele ingcindezi ngokuyinqoba yomithathu imidlalo yokuvula kuleli qoqo liguqisa iCanada, Afghanistan neNew Zealand, aqhwakela ngamaphuzu ayisithupha.
Ukunqoba kwe-Afghanistan i-UAE ngamawikhethi amahlanu izolo, kuqinisekise ukuthi amaProteas azoba ngelinye lamaqembu amabili azophuma kuGroup D adlulele esigabeni sesibili samaqoqo, iSuper Eight.
Umdlalo wangoLwesithathu ne-UAE uzobe usucacisa ukuthi aqeda esicongweni yini noma endaweni yesibili. Lokhu kuzoncika nasemdlalweni wanamuhla ophakathi kweNew Zealand, esendaweni yesibili ngamaphuzu amane, neCanada.
I-Afghanistan, esendaweni yesithathu ngamaphuzu amabili, izothandazela ukuthi iCanada iyinqobe iNew Zealand, bese yona iphuma phambili kowayo wokugcina neCanada ngoLwesine.
Amaqembu amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye kwamabili eSuper Eight azobe esedlulela kweyandulela owamanqamu.
Related Topics: