PITSO DLADLA
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
YIZE abaphathi beDurban City beveze ukuthi basathungatha umqeqeshi ozovala isikhala sikaSinethemba Badela kodwa kuvela ukuthi obeyiphini lakhe, uPitso Dladla, usethubeni lokuqhuba umkhumbi kuze kuphele le sizini ka-2025/26 yeBetway Premiership.
Esitatimendeni esikhishwe yiCity ngemuva kokuhlukana kwayo noSinethemba Badela ngoMsombuluko, leli qembu likubeke kwacaca ukuthi isinqumo sokuchitha lo mqeqeshi asihlangene nemiphumela kodwa sincike kakhulu ezinhlosweni zalo zokuthola imiphumela ngokushesha emidlalweni engu-13 esele kule sizini.
ICity izodlala neTS Galaxy kowePremiership kusasa ngo-7.30 eChatsworth Stadium, eThekwini.
Ngokomthombo weSolezwe ongaphakathi kuleli qembu, kuvela ukuthi usihlalo waleli qembu, uFarook Kadodia, uvumelane ngazwi linye nebhodi yaleli qembu ukuthi akungabe kusaqashwa umqeqeshi omusha ngenxa yesikhathi esifushane esisele ngaphambi kokuphothulwa kwesizini.
“Kunesiphakamiso sokuthi uPitso Dladla aqhubeke nomsebenzi njengebamba kuze kuphele le sizini njengoba vele isiphakathi nendawo.
"Vele usihlalo, uKadodia, uyakholelwa kuyena (uDladla) njengoba wayeke wahlongoza ukuthi kuqhubeke yena ngisho nangemuva kokuxoshwa kukuGavin Hunt,” kusho umthombo.
Nakuba kuvela igama likaDladla kodwa kunamahlebezi akhomba ukuthi u-Ernst Middendorp oyi-Technical Director, ufuna ukuzibambela kwesokuqeqesha.
Ngokusho kwalo mthombo, uKadodia ubona uDladla enamava anele ukuqhuba umkhumbi ngoba akalona ivukana ekuqeqesheni kwiPremier Soccer League (PSL), usenesikhathi ekhona eqenjini futhi uselazi njengentende yesandla sakhe.
UDladla owafaka iRichards Bay kwiPremiership enqoba nayo isicoco seMotsepe Foundation Championship, waliqeqesha isizini kwiPremiership ngaphambi kokwehlukana nalo ekupheleni kweka-2022/23.
Ujoyine iCity maphakathi nesizini ka-2023/24 esesuka kwiMarumo Gallants ebisadlala kwiMotsepe Championship, ezoba yiphini likaSimo Dladla.
Ebuzwa ngalokhu uKadodia, uthe: “Okokuqala nje, akulona iqiniso ukuthi u-Ernst Middendorp nguyena ozoba ngumqeqeshi, cha. Usazoqhubeka abe yi-Technical Director.
Umqeqeshi ozovala isikhala sikaSinethemba Badela sizomumemezela ngesikhathi esifanele, okwamanje uPitso Dladla nguyena ozobe esebhentshini ngoLwesihlanu (kusasa) njengoba siyodlala ne-TS Galaxy.”
Related Topics: