Isithombe UMQEQESHI woMkhambathi FC, uXolani Khumalo, ongakuthokozela ukubona ezakhe zihamba ibanga kwiNedbank Cup phezu kokukubeka eqhulwini nokuya kumaPlay-Offs kazwelonke e-ABC Motsepe League ekupheleni kwesizini
Image: BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba bephokophelele kakhulu ukulwela ukuya kumaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League kodwa umqeqeshi woMkhambathi FC, uXolani Khumalo, uveza ukuthi ngeke bazithele ngabandayo ngokuhamba ibanga kwiNedbank Cup uma ithuba livela.
UMkhambathi odlala kwiKwaZulu-Natal ABC Motsepe League, uzibekisele indawo emzuliswaneni we-Last 16 yeNedbank Cup ngokuguqisa iLerumo Lions edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngo 1-0 koweLast 32 ngeSonto, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
Amaqembu azodudulana kwiLast 16 azoqhathwa ngoLwesithathu ngo-6.30 ntambama.
“Kithina njengeqembu loMkhambathi kusho lukhulu ukwedlulela kwi-Last 16 yeNedbank Cup, okungokokuqala ukwenzeka kuleli qembu njengoba phambilini lake lafinyelela kwi-Last 32 kodwa alangakwazi ukwedlulela esigabeni esilandelayo.
"Ukwedlulela emzuliswaneni olandelayo kweqembu kusho elinye ithuba lokuveza ikhono kubadlali bethu abanamaphupho okuzibona ngelinye ilanga bedlala emaqenjini ePSL.
"Nokho, okusemqoka njengamanje kubona wukugxila ngokuphelele ekusizeni iqembu lenze kahle kwiNedbank nasemidlalweni yeligi, okunye sekungalandela,” kusho uKhumalo, odabuka KwaNomoya, eSahlumbe.
Yize uKhumalo ethi bengakujabulela ukuqhathwa nelinye iqembu elidlala kwiMotsepe Championship kwi-Last 16 kodwa bengalemukela nelidlala kwiBetway Premiership.
“Ukuqhathwa nelinye iqembu elidlala kwiMotsepe Championship noma le-ABC Motsepe League singakujabulela ngoba kungasinika elinye ithuba lokuhamba ibanga kwiNedbank kodwa uma kwenzeka siqhathwa neqembu lePremiership nakho lokho singakwemukela futhi kungaba yithuba elihle lokuvelela nokuqina ukhakhayi kubadlali bethu," kusho uKhumalo.
UMkhambathi uzihola phambili kwi-log kaStream B weKZN Motsepe League ngamaphuzu angu-29. Wehlukaniswe yiphuzu noMsinga United endaweni yesibili ngawu-28.
“Okusemqoka kakhulu kithina wukuya kumaPlay-Offs kazwelonke e-ABC Motsepe League siyolwela ukukhuphukela kwiChampionship.
"Kodwa futhi lokho akusho ukuthi sizozithela ngabandayo ngokuhamba ibanga kwiNedbank uma ithuba livela.
"Sinalo uhlelo lokubhalansisa imidlalo yeligi neyomkhumulajezi ngakho asiboni kuzosiphazamisa ukudlala imidlalo yeligi neyeNedbank ngasikhathi sinye," usho kanje uKhumalo.
Related Topics: