Isithombe USINOXOLO Kwayiba weChippa United ovuke wazithatha ngemuva kwesikhashana ekhululwe yi-Orlando Pirates ebimsayine ngaphambi kokuqala kwale sizini
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weChippa United, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, udalule ukuthi kudingeke basebenze isimo somqondo kumdlali uSinoxolo Kwayiba obuyele kwiChilli Boys emuva kokuchithwa yi-Orlando Pirates.
UKwayiba (25) ongumgadli, usayinwe yiPirates ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/2026, esuka kwiChippa kubhekwe lukhulu kuyena. KweZimnyama udlale imidlalo emine kuphela esuka ebhentshini ngaphansi komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou. Ngenyanga edlule, iPirates imemezele ukuthi isihlukene nalo mdlali esadlale kuyona izinyanga eziyisithupha.
Ngesonto eledlule uKwayiba ushaye amagoli amabili ngesikhathi iChilli Boys yehlula iDurban City ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership. Ngempelasonto, ushaye into ecokeme nakuba iChippa ikhishwe yiChilli Boys ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi kowe-Last 32 yeNedbank Cup.
“Ekufikeni kwakhe kudingeke sisebenze ngesimo somqondo wakhe ngoba uzokhumbula ukuthi ubengadlali kwiPirates, ngenkathi ebizwa eqenjini lesizwe (esekwiChippa) wabizwa ngoba eshaya amagoli.
"Ngakho ngihlale phansi ngakhuluma naye ngamtshela ngathi, ‘leli yithuba lakho lokubuyela eqenjini lesizwe nokuya kwiNdebe yoMhlaba ngakho kuzofanele uphinde ushaye amagoli njengoba bewenza ekuqaleni. Njengoba bakubona ekuqaleni, basengakubiza futhi."
"Ngakho usengumdlali omqoka kithina, osazokwenza umehluko eqenjini,” kusho uVilakazi.
Nakuba uVilakazi ejabule ngokushintsha kwezinto eqenjini lakhe elivika izembe kwiPremiership kodwa ushayekile ngokuhamba kukanozinti uStanley Nwabali ozicelele ukukhululwa ngesonto eledlule.
“Impela ukulahlekelwa okukhulu kithina ukuhanjelwa ngunozinti onjengoNwabali uma ubheka amava anawo nangendlela adlale ngayo kwi-Afcon eMorocco, emele iqembu lesizwe laseNigeria. Kuwubufakazi bokuthi ungunozinti oseqophelweni eliphezulu.
"Kodwa-ke ngokwesinqumo sakhe asithathile, angingene kuso. Lokho kuphakathi kwakhe nosihlalo weqembu nabavumelane ngakho.
"Mina ngizosebenza nonozinti abakhona eqenjini. Uma sikhona isidingo sokuthi sithole omunye unozinti ozoshubisa umbango wejezi konozinti eqenjini, kuzomele sikwenze lokho," kusho uVilakazi.
IChilli Boys elwa nokusuka esishozini sezembe njengoba isendaweni ka-14 kwi-log yeBetway Premiership, ibuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya neRichards Bay FC eBuffalo Stadium, e-East London, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
Related Topics: