Isithombe USBONELO Khwela (ophambili) nozakwakhe uMsawenkosi Mtolo azogwedla naye kwi-K2 yomjaho iDusi Canoe Marathon, ezosukela eMgungundlovu isongwe eThekwini, ngoFebhuwari 19-21
Image: SITHUNYELWE
NOMA evuma ukuthi ziseningi izinselelo ezisabhekena nabagwedli abamnyama okubalwa kuzo ukuntula uxhaso kodwa umgwedli osengumakadebona, uSbonelo Khwela, unethemba lokuthi sekuseduze ukuthi umjaho, iDusi Canoe Marathon, unqotshwe ngabamnyama ngenxa yokuncipha kwegebe minyaka yonke.
IDusi Marathon yanonyaka ezokube iyi-K2 lapho abagwedli begwedla ngababili, izoqala ngoFebhuwari 19, isongwe ngoFebhuwari 21. Kuzosukwa eMgungundlovu, kubhekwe eThekwini.
Kulo mjaho amehlo azobe ethe njo kuKhwela ozobe egwedla noMsawenkosi Mtolo no-Andy Birkett ozobe egwedla noMatthew Fenn.
Kwi-K2 ka-2024, umhlanganiso wadliwa nguBirkett noFenn, kwi-K2 ka-2025, umhlangaso udliwe nguye futhi uBirkett osekhonye iminyaka engaphezulu kwengu-14 ilandelana kuyo yonke iminxe yokugwedla okuyi-K2 ne-K1.
“Ngaphandle nje kwezinguquko engibe nazo nobekufanele ngigwedle naye, uBongani Ntinga, osezogwedla noSandile Mtolo, wonke amalungiselelo ethu noMsawenkosi Mtolo - engizogwedla naye - ahamba kahle.
"Iphupho lethu kuseyilo elokuthi sigcine siwunqobile lo mjaho weDusi okokuqala emlandweni njengabagwedli abamnyama,” kusho uKhwela.
“Singabagwedli abamnyama siya ngokuya silivala igebe phakathi kwethu nabagwedli abamhlophe kulo mjaho weDusi, lokho okusinika ithemba lokuthi umgwedli omnyama uzogcine ewunqobile lo mjaho.
"Yebo u-Andy Birkett usesithwalise kanzima isikhathi eside kodwa sesiyawazi amaqhinga akhe, sekusele khona nje ukuthi enze iphutha bese siwunqoba lo mjaho, siwuqophe umlando.”
UKhwela owanqoba lo mjaho kwi-K2 egwedla nayo insephe, uBirkett, usanda kuthola abaxhasi abasha.
“Ngilutholile uxhaso kwabePlastic and Chemical Trading okuwuxhaso lwezinto zokuziqeqesha nokudlala.
"Lusho lukhulu lolu xhaso njengoba nozakwethu, uMsawenkosi engizogwedla naye, waluthola ngonyaka edlule.
"Yize ngiluthakasela uxhaso kodwa bengingafisa ukuthi ngiphinde ngithole olunye oluhambisana nemali njengoba kwenzeka kwabanye ozakwethu abamhlophe esigwedla nabo.
"Uxhaso lwemali lwenza umehluko omkhulu empilweni yomgwedli. Yingakho kuyisifiso sami ukuthi ngiphide ngiluthole uxhaso lwemali njengoba kwenzeka ngo-2022, ngithola olwe-Euro Steel," kusho uKhwela.
Emalungiselelweni eDusi, uKhwela noMtolo, babambe iqhaza emijahweni yokuzifudumeza okubalwa kuyona iMid Miller obungeSonto.
Related Topics: