INTANDOKAZI yabalandeli be-Orlando Pirates, uSipho Mbule, ijabulela igoli elishaye ngesikhathi bekhipha iTshakhuma Tsha Madzivhandila kwi-Last 16 yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngoMgqibelo
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba i-Orlando Pirates idlulele emzuliswaneni we-Last 16 weNedbank Cup ngokubhudluza iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) kodwa umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou, akaneme ngenqwaba yamathuba alahlwa ngabafana bakhe.
IPirates inqobe ngo 4-1 wamagoli ka-Andre De Jong, Thalente Mbatha, Patrick Maswanganyi noSipho Mbule emdlalweni we-Last 32 obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngoMgqibelo.
Nokho, u-Ouaddou osanda kuphumela obala ngokuthi bafuna ukuqoqa zonke izicoco kule sizini, akaneme ngesibalo samagoli abawashayayo, ikakhulukazi amane abawashaye kwiTTM edlala kwiSafa Limpopo ABC Motsepe League. Ukhala ngokuthi lo mkhuba wokuhluleka ukushaya amagoli ungaba nomthelela embangweni wesicoco seligi yeBetway Premiership oshisa phansi nakuyona iNedbank Cup.
“Bekufanele sishaye amagoli angaphezulu kwalawa esiwashayile. Ngihlala ngibatshela abadlali bami ukuthi uma ufuna ukunqoba kufanele usheshe uwuqede umsebenzi ngokushaya amagoli ngezikhathi ezimqoka.
"Izinombolo aziwaqambi amanga ngoba uma ubheka ukuthi ipali silikhahlelele kangaki namathuba esiwakhile mangaki, kuyakhombisa ukuthi la magoli amane esiwashayile awanele.
"Ngiyazi abantu bayamangala ukuthi umqeqeshi akajabuli ngani ewinile kodwa izibalo yizona ezingenza ngingajabuli ngoba bekufanele siqedele amathuba esiwatholile,” kusho u-Ouaddou.
“Ngibatshelile abadlali bami ukuthi yinye kuphela indlela yokukhombisa inhlonipho emaqenjini anjengalawa (njenge-TTM) wukuthi uhlohle amagoli ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili.
"Kusemizweni yami nje ngendlela engidalwe ngayo ukuthi ngifune okungaphezulu kubadlali bami.
"Ngisho nakwiligi kumele sishaye amagoli amaningi ngoba lokho kuzoba nomthelela ekupheleni kwesizini.”
Yize iBucs ibidlala neqembu elidlala esigabeni sama-amesha kodwa ayisixegisanga isikimu sayo. U-Ouaddou uqalise abadlali abajwayele ukudlala, wabaxuba nabalizwa ngendaba ijezi okubalwa kubona uMelusi Buthelezi obeqala ukuvimba kule sizini, Cerram Dansin, Mariko Abdoulaye noThabiso Sesane obuya ekulimaleni.
Emdlalweni olandelayo, eZimnyama eziqhwakele kwi-log yePremiership, zizobhekana neMarumo Gallants koweligi e-Orlando Amstel Arena, eSoweto, ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama.
Related Topics: