ULUNGI Ngidi noKeshav Maharaj ngabanye babashwibi iqembu lakuleli elizothembela kubona eNdebeni yoMhlaba ye-T20
Image: X / PROTEAS MEN
IQEMBU lesizwe lekhilikithi labesilisa lizoqala umkhankaso wokunqoba iNdebe yoMhlaba ye-T20 okokuqala ngqa uma selibhekene neCanada emdlalweni wokuvula ngoMsombuluko.
Lo mdlalo ozobanjelwa eNarendra Modi Stadium, edolobheni i-Ahmedabad, uzoqala ngo-3.30 ntambama.
Kwala kancane ukuthi amaProteas aqede ishobolo lokuhluleka ukuba ngompetha bomhlaba emiqhudelwaneni yama-over akaliwe ngo-2024, ngesikhathi enqotshwa yi-India kowamanqamu we-T20.
Umqeqeshi, uShukri Conrad, onqobe isicoco se-World Test Championship neqembu lakuleli ngonyaka odlule, uthemba ukuthi lawo mava azolisiza kulo mqhudelwano.
“Into yokuqala engiyenzile ngesikhathi ngifika kuleli qembu kube wukuqinisa iqembu le-Test. Sisebenzise abadlali abangu-31 emidlalweni engu-21 ye-T20 ngamabomu ngoba besifuna bajwayele ukudlala kuleli zinga,” kusho uConrad.
Ngaphandle kweCanada, amaProteas azophinde abhekane neNew Zealand, Afghanistan ne-United Arab Emirates kuGroup D.
UConrad uyalithemba iqembu abaliqokile ukuthi lizokwazi ukudlulela kweyomkhumulajezi. Leli qembu elizoholwa ngu-Aiden Markram, libophele nabanye abadlali abenze kahle emqhudelwaneni wakuleli osanda kusongwa, iBetway SA20.
“Sikholwa wukuthi singaqophisana nanoma yiliphi iqembu. Abadlali bethu ababhethayo basefomini kanti futhi ukuba nabashwibi abayingozi kungasinqobela imidlalo enzima. Okwamanje sisagxile ekutheni sidlule emidlalweni yamaqoqo bese siyabona ukuthi singafika kuphi,” usho kanje lo mqeqeshi.
Related Topics: