Isithombe UNKULULEKO Miya woMsinga United ongomunye wabadlali abamqoka leli qembu elithembele kubona ekwenzeni kwenzeke
Image: UMSINGA UNITED FACEBOOK
UKUQALA umzuliswano wesibili wesizini ka-2025/26 ngeledlule, kwamaqembu eSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League akubuzwa ukuthi kusho ukuqala koshikishi kulesi sigaba ngezizathu ezahlukene.
Njengoba amaqembu abedlala imidlalo yomkhumulajezi ye-APPAWWA Sports Brand Tournament ezosongwa ngoFebhuwari 14, iligi ikhuze ibuya ngeledlule.
KuStream A uMvoti FC osahlezi phezulu futhi ongakahlulwa kule sizini, ushaye iGood Fellas ngo 2-1, waqhubeka nokuvula igebe lamaphuzu ayisithupha phakathi kwawo neNjampela FC. Uqhwakele ngawu-34, iNjampela ilandela ngawu-28 endaweni yesibili.
Ngenkathi uMvoti uqoqa amaphuzu neNjampela ibingamile njengoba ibuye nawo ishaya iTornado FC ngo 2-1, okwenze yaqhubeka nokuhlala ezithendeni zoMvoti.
Womabili la maqembu asesembangweni weligi kuStream A, anemidlalo emqoka kule mpelasonto. UMvoti uzodlala ne-University of UKZN kusasa ngo-3 ntambama eGreytown High Ground, eGreytown. INjampela izogadulisana ne-Asande FC ngesikhathi esifanayo kusasa ePhongola Sugar Mill, oPhongolo.
KuStream B, ukudlala kwiNedbank Cup koMkhambathi FC kule mpelasonto kuzonikeza uMsinga United ithuba lokulwela ukuvala igebe lamaphuzu phakathi kwezimbangi zayo ezihleli phezulu.
UMkhambathi uzodlala neLerumo Lions eyibamba kwiMotsepe Foundation Champions, i koweNedbank Cup Last 32 eSugar Ray Xulu Stadium eClermont, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Njengoba uMkhambathi usazihola phambili kwi-log ngamaphuzu angu-29, uMsinga unangu-25 lokho kusho ukuthi leli qembu laseMsinga, linethuba lokuvala igebe kwi-log njengoba lizodlala neNewcastle All Stars ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eGxushaneni Field, eMsinga.
Iqembu elizodla umhlanganiso kuStream A lizodlala nelizonqoba kuStream B kumaPlay-Offs esifundazwe okuhlunga elizomela iKwaZulu-Natal kwekazwelonke yokuhlungela ukukhushulelwa kwiChampionship.
Imidlalo yeSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League:
NgoMgqibelo
Stream A:
Umzinto United v Good Fellas (Scottburgh Field, 3pm); Umvoti FC v University of UKZN (Greytown High, 3pm); Njampela FC v Asande FC (Phongola Sugar Mill, 3pm); Summerfield Dynamos v Ulundi United (Road 1016 Field, 3pm); Durban Pioneers v Umlazi Young Lions (King Zwelithini Outer Field, 3pm)
Stream B:
KwaMashu Durban Knights v Umgungundlovu United (New Center Field, 3pm); FC Drakensberg v Newcastle Warriors (Lambert Park, 3pm); Msinga United v Newcastle All Stars (Gxushaneni Field, 3pm); Chess v Ditlou FC (Arbor Park, 3pm); Falcons FC v Umshwathi United (Saccharine Field, 3pm)
Related Topics: