Isithombe UNOMPEMPE waKwaZulu-Natal, uJean Ndebele, okhale wemuka nomklomelo weReferee of the Season kumaHollywoodbets Super League Awards ngempelasonto, eMidrand, eGoli
Image: BACKPAGEPIX
UNXUSE ukuba kube nomoya wokukhuthazana nokukhulisana kozakwabo ayibambe nabo emkhakheni wonompempe, uJean “Bhokhathi” Ndebele, obuye nendondo yeReferee of the Season ehambisana nesheke lika-R25 000 kumaHollywoodbets Super League Awards eMidrand, eGoli, ngeSonto.
UNdebele (37) odlalisa kumaligi eSouth African Football Association (Safa) okuyiHollywoobets Super League ne-ABC Motsepe League, ubebanga lo mklomelo noNtanganedzeni Mugari noPalesa Motaung.
Emunxeni we-Assistant Referee of the Season odle umhlanganiso nguNolitha Mhlomi, obebanga noSamkelo Ngwane noNothando Zulu.
“Ngijabule kakhulu ukuwina lo mklomelo. Lokhu kusho lukhulu kimina ikakhulukazi njengoba bekungokokuqala ngiqokwa kule miklomelo yeHollywoodbets Super League.
Ngenkathi bebiza igama lami esiteji angikholwanga, kuze kwabaleka namazwi okubonga ebengizitshele ukuthi ngizowasho uma ngifika esiteji, ngasho lokho okufike ngaleso sikhathi.
Ngiyabonga kakhulu emndenini wami, okwaziyo okusenhliziyweni yami,” kusho uNdebele, odabuka eDukuza esigodini saseZimbomvu, eBergville.
“Bese ngibonga kakhulu Okhahlamba LFA, iSafa Uthukela, iSafa KZN neSafa kuzwelonke, ngingawashiyi ngaphandle amaqembu kwiligi (yeHollywoodbets Super League) ngokusebenzisana nokubekezelelana ezinkundleni isizini iqala ize iyophela.
Okukhulu kunakho konke sibonga abakwaHollywoodbets ngokusipha leli thuba eliyingqayizivele singabantu besifazane.
Ngibonga nomphakathi waseDukuza, eMangwaneni, lapho ngizalwa khona, neBergville yonkana ngokungikhulisa nokungeseka.
Bese ngithi kubo bonke onompempe esinabo kulo mkhakha, ikakhulukazi laba abadala esibukela kubo, ngicela siqhubeke sikhulisane futhi sikhuthazane njalo uma kuphumelele oyedwa wethu ngoba sisuke siphumelele sonke,” kuqhuba uNdebele, oselubalubela ukuyoshaya impempe kwiPremier Soccer League (PSL).
Khonamanjalo, kwenzeke okungalindelekile emiklomelweni eyahlukene kulo mcimbi weHollywoobets Super League Awards, kugiya i-JVW ngemiklomelo emine, yalandelwa yi-TS Galaxy Queens ngemithathu, isithathu kwaba yiMamelodi Sundowns Ladies ehlomule emibili kuphela ekubeni kuyiyona ebithwelwe ngeqoma kule miklomelo.
Isiyonke imiphumela yamaHollywoodbets Super League Awards:
Young Player of the Season: Bonolo Mokoma (JVW FC)
Top Goal Scorer: Leandra Smeda (TS Galaxy Queens)
Coach of the Season: Godfrey Sapula (Mamelodi Sundowns)
Midfielder of the Season: Jessica Wade (JVW FC)
Defender of the Season: Karabo Dlamini (Mamelodi Sundowns)
Goalkeeper of the Season: Dineo Magagula (TS Galaxy Queens)
Referee of the Season: Jean Ndebele
Assistant Referee of the Season: Nolitha Mhlomi