Isithombe UMGADLI weRichards Bay, uLundi Mahala, oxinwe ngu-Isaac Cisse weLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership eMhlathuze Sports Complex
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, ubona umgadli wakhe uLundi Mahala esazowaqhulula amagoli kwiBetway Premiership.
UMahala ushaye igoli lesibili ngesikhathi iBay ibambana ngo 2-2 neLamontville Golden Arrows emdlalweni wePremiership ngoLwesihlanu, eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
Empeleni lo mgadli ubenesandla kuwona womabili amagoli kwazise kudlaliswe kabi yena kwaba yiphenathi ebekwe phakathi nguMoses Mthembu esiwombeni sokuqala.
“Uyiqale kahle isizini, usadlale kahle. Ngicabanga ukuba kwakhe nomzimba oqinile oqatha, ukushesha nokuba mandla emoyeni yikho okumenza athwalise kanzima izitobha kwiligi.
"Uyakhula, ngibona esazodlondlobala abe ngumgadli oseqophelweni eliphezulu osazolisiza iqembu, aphinde ashaye amagoli amaningi kwiligi,” kusho uGabriel oqeqesha ngokubambisana noPapi Zothwane kuleli qembu laseRichards Bay.
UMahala odabuka eGqeberha, e-Eastern Cape, yisizini yakhe yokuqala lena kwiPremiership, Ujoyine iNatal Rich Boyz ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiHighbury FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Emidlalweni engu-18 asayidlalile kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano, usashaye amagoli amane.
IBay egqishe ngeningi labadlali abasuka eqenjini layo elincane elidlala kwiDStv Diski Challenge, isakhombise izimpawu zokwenza okungcono kakhulu kule sizini uma kuqhathaniswa nangedlule.
“Yize esekhona amaphutha lapha nalaphaya ngenxa yeningi labadlali bethu abasabancane abasazama ukwejwayela kulesi sigaba kodwa ingihlaba umxhwele indlela esisadlala ngayo njengamanje nendlela leli qembu esilakhayayo elikhombisa ngayo ukuhlangana, okuyinkomba yokuthi kukhona lapho esiya khona.”
IRich Boyz esendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership, izodlala neSiwelele FC koweNedbank Last 32 ngeSonto, eDr Molemela Stadium, eBloemfontein.
“Umdlalo womkhumulajezi uzonisika ithuba lokunika abanye abadlali ithuba lokudlala. Siyazi ukuthi isizini iseyinde nemidlalo yomzuliswano wesibili esazodlalwa. Ngakho kufanele sibasebenzise ngendlela ephusile abadlali bethu ukuze siqhamuke neqhinga elihle emdlalweni wethu neSiwelele," kusho uGrabriel.
Related Topics: