Isithombe IQEMBU le-netball lesikole saseMpangeni, iKhombindlela Secondary, eladla umhlanganiso emunxeni weSchool Team of the Year ngo-2024 kumaKZN Sports Awards. Lo munxa usuzokwaziwa ngeJunior/Youth Team of the Year
Image: KHOMBINDLELA SECONDARY SCHOOL
UBUYA nezinguquko ezimbalwa kweminye iminxa umcimbi wanonyaka wamaKZN Sports Awards ongenziwanga ngo-2025 ngenhloso yokuthi uhambisane nekhalenda yokazwelonke weSouth African Sports Awards.
AmaKZN Sports Awards ahlelwa nguMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko esifundazweni ngokubambisana neKwaZulu-Natal Sports Confederation (KZNSC), kulindeleke ukuthi abe ngo-Ephreli eDurban International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Lo mcimbi wokuklomelisa abenze kahle emidlalweni enhlobonhlobo KwaZulu-Natal okubalwa nabezindaba, awubanga khona nyakenye ngesikhathi ojwayele ukubakhona ngaso ngenxa yokuthi kuhlelwa ukuthi uhambisane namaSA Sports Awards Awards azoba ngo-Ephreli, noma zingakaqinisekiswa izinsuku.
Sekuvuliwe ukuthunyelwa kwemingenelo yabazodlana imilala kumaKZN Sports Awards ka-2026. Kuzobhekwa imisebenzi kusukela kweyangoSepthemba 2024 kuya kuDisemba 2025. Lokhu kuzonika izinhlangano, abadlali, abaqeqeshi, abaphathi bamaqembu nezinhlaka ezahlukene isikhathi esanele sokuhlunga imisebenzi abayenzile esikhathini esibhekwayo.
Okuqaphelekayo eminxeni yanonyaka, yizinguquko ezimbalwa kweminye iminxa, okubalwa kuyo oweSchools Sports Team of the Year osuzokwaziwa ngeJunior/Youth Team of the Year, owePhotographer of the Year osuzokwaziwa ngeVisual Journalist of the Year, nowe-Indigenous Team of the Year osuzokwaziwa nge-Indigenous Games Team.
Kuphinde kwethulwa nomunxa owaziwa ngeSporting Achievement Criteria, obungekho phambilini.
Junior/Youth Team of the Year:
Phambilini lo munxa bewaziwa ngeSchools Sports Team of the Year. Nonyaka lo munxa osuqanjwe kabusha ngele-Junior/Youth Team of the Year, ungenelwa ngamaqembu ezikole enze kahle ezingeni lezifunda kuya kwelesifundazwe ngokwenza kahle emiqhudelwaneni eyahlukene yezemidlalo.
Visual Journalist of the Year:
Lo munxa obewaziwa ngePhotographer of the Year, kulo nyaka uqanjwe kabusha ngele-Visual Journalist of the Year ukuqhakambisa neqhaza elibanjwa ngabathwebuli abasebenzisa ama-video emidlalweni enhlobobonhlobo nezobuciko esifundazweni.
Indigenous Games Team:
Lo munxa obewaziwa nge-Indigenous Team of the Year, nonyaka uqanjwe kabusha ngele-Indigenous Games Team ngenhloso yokuqhakambisa amaqembu adlala imidlalo yendabuko okubalwa kuyona induku, ingqathu, uKhokho, kusukela ezingeni lezifunda kuze kube sezingeni lesifundazwe.
Sporting Achievement Criteria:
Lo munxa obungekho phambilini, ugqugquzela umoya omuhle wokudlala kuzo zonke izinhlobo zemidlalo kusukela emazingeni aphansi, ezingeni lesifundazwe nasezingeni lamazwe omhlaba.
Isivuliwe imingenelo, futhi akunamkhawulo wesibalo sengathunyelwa abazobamba iqhaza kumaKZN Sports Awards. Nasebeke banqoba phambilini kule miklomelo bavumelekile ukuphinda bangenele.
Usuku lokuvalwa kwemingenelo nguFebhuwari 15 2026. Imingenelo ingathunyelwa nge-email ku: [email protected], noma ku: https://apps.kzndsac.gov.za/nominations/index.php .
Related Topics: