Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AbeMilford bafuna ukuyinqobela uPupuma noMchunu eyeChampionship

Sibusiso Mdlalose|Published

ABADLALI beMilford FC bajabulela igoli likaSifiso 'Chico' Mdluli ngesikhathi bebhekene neBlack Leopards emdlalweni weMotsepe Foundation Championship ezinyangeni ezedlule

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

OYIMENENJA yeMilford FC, uSphethu Pupuma, uveze ukuthi sebezibophezele ukukhipha wonke amangwevu ekulweleni ukunqoba isicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship ngenhloso yokuhlonipha amalungu abo asanda kubashiya emhlabeni. 

IMilford ehlezi phezulu kwi-log yeMotsepe Championship, ngeledlule ilahlekelwe ngobeyisikhulu esiphezulu, uMlibo Pupuma, ongumfowabo kaXanti Pupuma ongusihlalo nomqeqeshi waleli qembu ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside.

Kusakhuzwa lowo mhlola, ukufa kuthathe uMxolisi “Voeller” Mchunu obengumqeqeshi obhekelele ukuba qatha kwemizimba yabadlali (conditioning coach). 

IMilford ebilahle amaphuzu ngeledlule ishaywa yi-University of Pretoria ngo 3-2, ivuke yazithatha ibuya namaphuzu amathathu ngoLwesithathu, ishaya iLeicesterford City ngo 3-2 eMhlathuze Sports Complex.

Izodlalela ekuhambeni neLerumo Lions eNWU Mahikeng Stadium, eMahikeng, kusasa ngo-3.30 ntambama. 

UPupuma uthe phezu kokuba iPremier Soccer League (PSL) ibibanikile ithuba lokuhlehlisa omunye wemidlalo yabo kodwa banqume ukungayihlehlisi.

“Phezu kwesimo esibhekene naso njengeqembu sokulahlekelwa kwethu ngamalunga amqoka kodwa sithathe isinqumo ukuthi singayihlehlisi imidlalo yethu ngoba sigwema ukuzithwesa umthwalo wokudlala imidlalo isithothene ngenxa yokukhava isikhathi semidlalo ebesizobe siyihlehlisile,” kusho uPupuma.

“Sihlale phansi nabadlali sabatshela ukuthi phezu kwalesi simo esibuhlungu esibhekene naso njengamanje kodwa impilo kumele iqhubeke ngoba sinemigomo esizibekele yona njengeqembu kule sizini, ngakho kufanele siqhubeke silwe njengamasosha. 

Sabatshela ukuthi laba abasishiyile bebenezifiso ezifanayo nezethu zokubona iqembu liphumelela kule sizini ngakho yonke le midlalo esesizoyidlala sizoyidlalela bona.

Ngakho kusijabulisile futhi kwasiqinisa idolo ukukhombisa kwabadlali bethu ukuzinikela kule midlalo yethu emibili yakamuva esiyidlale namaTuks neLeicesterford. Lokhu kusinika ithemba lokuthi sizokwazi ukuqhubeka silwe kuze kube sekugcineni.”

IStallions eqhwakele ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-16, yehlukaniswe yiphuzu neCasric Stars neKruger Untied abesendaweni yesibili neyesithathu ngokwehlukana ngamaphuzu angu-30. ICape Town City isendaweni yesine ngawu-28.

“Siyazi luselude ukhalo kodwa esikulwelayo wukugcina umgqigqo nokugwema ukulahla amaphuzu ngokungenasidingo. Sizolwa kuze kube ngumdlalo wokugcina wesizini.”

UPupuma uzofihlwa ngoFebhuwari 7, eNqamakwe, e-Eastern Cape. UMchunu uzofihlwa kusasa kwesaKwaMthethwa, eMpangeni. 

Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:

Namuhla:

Gomora United v Venda FC (Malamulele Stadium, 3.30pm); Casric Stars v Cape Town City (Solomon Mahlangu Stadium, 3.30pm)

Kusasa: 

Lerumo Lions v Milford FC (NWU Mafikeng Stadium, 3.30pm); Midlands Wanderers v Leicesterford City (Mpumalanga Stadium, 3.30pm); The Bees v Hungry Lions (Kanyamazane Stadium, 3.30pm)

NgeSonto:

Black Leopards v Baroka FC (Thohoyandou Stadium, 3.30pm); University of Pretoria v Kruger United (Tuks Stadium, 3.30pm); Highbury v Upington City (NUM Stadium, 3.30pm)