Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AmaBlitzbokke athembe injenjane kowaphesheya

Xolile Mpisane|Published

OMUNYE wabadlali abasha bamaBlitzbokke okubhekwe ukuthi bagqame eSingpaore, uSonwabo 'Nabo' Sokoyi

Image: BACKPAGEPIX

LIKHOLWA wukuthi abadlali abasebancane bazokwazi ukusiza leli qembu emqhudelwaneni wesithathu wesizini ka-2025/26 yeHSBC SVNS, iphini lomqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lomobhoxo weSevens, uRenfred Dazel.

Lo mqhudelwano uzobanjelwa eSingapore National Stadium edolobheni iKallang, eSingapore, ngoMgqibelo kuya ngeSonto.

AmaBlitzbokke azobe ehlose ukunqoba umqhudelwano wesibili kule sizini kulandela ukuba ngompetha ekhaya eKapa, ngoDisemba nyakenye.

Emqhudelwaneni wokuqala obuseDubai, ngoNovemba, nyakenye, aqede endaweni yesithathu.

Iqembu lakuleli lizodlala eSingapore zingekho izethenjwa ezisalimele okubalwa kuzona uSelvyn Davids, Ronald Brown noDewald Human. UDazel uthe ulindele ukuthi abadlali abasebancane abaseqenjini bazibonakalise.

“Besingathanda ukuthi okungenani oyedwa wabo abe khona kulo mqhudelwano ngoba bangabadlali abahamba phambili emhlabeni ekwakheni amathuba. Kodwa-ke kuyenzeka lokhu embhoxweni futhi yithuba lesizukulwane esilandelayo ukuthi sizibonakalise,” kusho uDazel.

“Sesizenzile izinguquko ebezidingeka ngenxa yobubanzi beqembu. Sinabadlali abakwaziyo ukudlala kulezi zindawo okubalwa kubona uLuan (Giliomee), Nabo Sokoyi, Donavan Don nabanye.

“Besivele sihlose ukwandisa isikwati njengoba sibheke kuma-Olympic ka-2028, futhi ngiyabathemba laba esibakhethile ukuthi bazokwazi ukwenza okulindelekile kuleli zinga.

“Uma iqembu lonke libambelela ezinhlelweni zethu futhi lenza lokhu esikuhlosile enkundleni, sizoba nempelasonto enhle, yize sazi ukuthi sizobe sibhekene namaqembu aqinile.”

AmaBlitzbokke azovula kuGroup A ngoMgqibelo, lapho ezodudulana khona neSpain ngo-6:04 ekuseni, iGreat Britain ngo-10.20 ekuseni neFiji ngo-1.46 emini.

KuPool B kuzotholana phezulu iFrance, New Zealand ne-Australia.

AmaBlitzbokke asahamba phambili ngokushaya ama-try angu-37 kule sizini. Ayisishiyagalolunye awo aqhamuke kuShilton van Wyk, ophinde ahambe phambili ngokuthola amaphuzu angu-45.