IPHINI lomqeqeshi wamaBhokobhoko, uTony Brown, inhloko yabaqeqeshi uRassie Erasmus ekholwa wukuthi ngeke alishiye iqembu ingakapheli iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo
Image: BACKPAGEPIX
AKANAVALO ngokuthi kungenzeka elinye lamaphini akhe, uTony Brown, lishiye iqembu ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezodlalelwa e-Australia, ngonyaka ozayo, umqeqeshi weqembu lesizwe lombhoxo, AmaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
UBrown odabuka eNew Zealand, ujoyine ithimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko ngoFebhuwari, nyakenye, njengomqeqeshi ogxile ekuhlaseleni.
U-Erasmus uphawula nje, bese kuvele imibiko ethi iNew Zealand Rugby ibizama ukushela lo mqeqeshi ukuthi azoqeqesha iqembu lesizwe lakhona kulandela ukushiya kukaScott Robertson.
Uthe ezingxongxweni abe nazo noBrown, uphinde waqinisekisa ukuthi ngeke awalaxaze AmaBhokobhoko ingakapheli inkontileka yakhe.
“Bekucasula ukuthi bekulokhu kuqhamuka imibiko ethi kungenzeka ahambe ngaphambi kokuqeda inkontileka yakhe. Sixoxile kafushane, ngambuza uTony ukuthi ngabe konke kusafana yini, wangiqinisekisa ukuthi uzibophezele kumaBhokobhoko kuze kube u-2027," kusho u-Erasmus.
“Singathanda ukumgcina isikhathi eside kunalokho kodwa angazi ukuthi iNew Zealand izobe imdinga yini, nokuthi yikuphi ezokubeka etafuleni. Ngeke asishiye ngaphambi kuka-2027. Iqiniso alikhuluma ngaphambi kokuza lapha wukuthi kuyiphupho lakhe ukugcina eyiqeqeshile iNew Zealand.”
UBrown wadlala imidlalo engu-18 eqenjini lesizwe laseNew Zealand kusukela ngo-1999 kuya ku-2001, wathola amaphuzu angu-171.
Lo nyaka umqoka kumaBhokobhoko njengoba ezovikela iNdebe yoMhlaba e-Australia, ngonyaka ozayo, kusukela ngo-Okthoba. Lokhu kusho ukuthi ukwenza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi kungaba nomthelela ongemuhle ezinhlelweni zawo.
AmaBhokobhoko azovula isizini ka-2026 ngokubhekana ne-England eGoli, ngoJulayi 4, ngaphambi kokutholana phezulu neScotland ePitoli, ngoJulayi 11. Azodlala neWales eThekwini ngoJulayi 18.
Le midlalo izolandelwa emine azoyidlala neNew Zealand ngo-Agasti nangoSepthemba.
Related Topics: