Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kuqhilike izihlathi kwabeDolphins beklonyeliswa

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI weHollywoodbets Dolphins, u-Okuhle Cele (omaphakathi), ngomunye wabathole imiklomelo kumaStar Awards izolo.

Image: SITHUNYELWE

BAPHUME amaphakethe "egcwele imali" abadlali bamaqembu eHollywoodbets Dolphins abesilisa nawabesifazane kulandela imiklomelo abayithole kubaxhasi, iHollywoodbets, izolo ntambama, eThekwini.

Kulo mcimbi owaziwa ngeHollywoodbets Dolphins Star Awards, kuklonyeliswe abadlali abagqamile emiqhudelwaneni ehlukene ngonyaka odlule. 

Kubadlali beqembu labesilisa abathole amasheke anezamba ezahlukene, kubalwa u-Okuhle Cele, Bryce Parson, Khaya Zondo, Prenelan Subrayen, Tshepang Dithole nabanye.

Kwabesifazane abaklonyelisiwe kubalwa uZintle Mali, Nonkululeko Mlaba, Seshnie Naidu, Yasmeen Khan, Michaela Andrews, Nobulumko Baneti nabanye.

Ngasekuqaleni konyaka odlule, iDolphins yabesilisa yanqoba isicoco seCSA One Day Cup kanti isakhona embangweni wesicoco seCSA 4-Day Series ezosongwa ngenyanga ezayo.

“Kuyasithokozisa kakhulu singabadlali ukuhloniswa ngabaxhasi ngalolu hlobo. Asijathuliswa yimali kuphela kodwa wonke umuntu uthola umfutho othe xaxa uma azi ukuthi umsebenzi awenzayo uyabonakala. Siyayibonga iHollywoodbets ngakho konke esenzela khona,” usho kanje uCele.

“Sisematasa nemidlalo ye-4-Day Series futhi ngithemba ukuthi sizongena kolandelayo neNorth West sivuselelekile ngemuva kwalo mcimbi ojabulisayo.”

Iiqembu labesifazane leDophins laqeda endaweni yesithathu kwi-log yeCSA Pro50 nePro20 Series ngesizini edlule. UMali, ongomunye wabaklonyelisiwe, ubona besethubeni lokwenza kangcono kule miqhudelwano kulo nyaka njengoba isibheke emaphethelweni.

“Sinalo ithuba kuyona yomibili imiqhudelwano, iPro50 nePro20 ngakho-ke into esiyicabangayo singabadlali ukuthi sibambe umgqigqo omuhle ize iyophela,” kusho uMali.

“Usuku lwanamuhla lusikhuthaze kakhulu. Kuhlezi kuyintokozo ukuhlanganyela neqembu lethu labesilisa kanye nabaxhasi bethu iHollywoodbets ngoba sonke siwumndeni owodwa.”

IHollywoodbets ikhiphe isamba esingu-R250 000 yaklomelisa abadlali beDolphins. IBrand and Marketing Manager yale nkampani, uDevin Heffer, ithe bazimisele ukuqhubeka nokuxhasa ikhilikithi yaKwaZulu-Natal.

“Kuyasijabulisa ukubona abadlali abaqhamuka ezindaweni ezahlukene beqhakaza kwiDolphins. Okusithokozisa kakhulu ukuthi kunenqwaba efike isencane kuleli qembu kodwa esize yafinyelela nasemaqenjini esizwe. Kusho lukhulu kithina ngoba ikhilikithi yaseKZN siyixhasa kusukela emabangeni aphansi, asifiki sesiqala phezulu,” usho kanje uHeffer.