Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kuphinde kwakhonya iSunrisers kowe-SA20

Xolile Mpisane|Published

OMPETHA beBetway SA20 ka-2025/26, iSunrisers Eastern Cape

Image: BETWAY SA20

INQOBE isicoco sesithathu kumasizini amathathu iSunrisers Eastern Cape, iguqisa iPretoria Capitals ngamawikhethi ayisithupha kowamanqamu weBetway SA20 eKapa, ngeSonto ntambama.

ICapitals iyona ebhethe kuqala kulo mdlalo obuseNewlands Cricket Ground, yahlanganisa ama-run angu-158 kuma-over angu-20, sekuphume abadlali abayisikhombisa.

Iholwe nguDewald Brevis oshaye ama-run angu-101 emabholeni angu-56.

Nokho, iSunrisers ayizange idikibale ngisho sekunzima, yagcina ihlanganise ama-run angu-162 sekusele amabhola amane, isilahlekelwe amawikhethi amane.

Bekungokwesithathu leli qembu lase-Eastern Cape liphakamisa indebe ye-SA 20 njengoba laphuma phambili ngo-2023 nango-2024, kwathi ngonyaka odlule lanqotshwa yiMI Cape Town kowamanqamu.

“Ngijabule futhi ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali. Bekuwumdlalo wamanqamu othokozisayo. Uma ubheka indlela uDewald adlale ngayo, wabeka iCapitals ku-158, kuyamangalisa ukuthi sikwazile ukufinyelela lapho sesidinga ukushaya ama-run angu-13 nge-over,” kusho umqeqeshi weSunrisers, u-Adrian Birrell.

"Ukudlala imidlalo yamanqamu emine ilandelana kusho lukhulu. Ngiyaziqhenya ngabadlali kanye neqembu lethu lonke. Besinabadlali abebesebhentshini abebengaqala imidlalo kwamanye amaqembu."

ISunrisers iqede isigaba samaqoqo iqhwakele ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-10. Inqobe emihlanu, yaguqiswa kwemithathu, emibili yaphazanyiswa yimvula.

Kowokuqala wokuhlungela ukungena kowamanqamu ishaywe yiCapitals ngamawikhethi ayisikhombisa eThekwini, ngoLwesithathu.

Ithole ithuba lesibili lokungena kowamanqamu ngokudlala uwafawafa nePaarl Royals eGoli, ngoLwesihlanu, yawunqoba lowo mdlalo ngamawikhethi ayisikhombisa ngaphambi kokubuyisa izinduku kwiCapitals ngeSonto.

“Ngijabule kakhulu, anginawo namazwi okuchaza imizwa yami. Ngiyithokozele le nyanga engiyichithe naleli qembu. Bengisebenza neqoqo elihle labadlali kanye nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu. Yonke imidlalo besiyihlelela kahle. Siphinde sasizwa abalandeli bethu, i-Orange Army, abebesiseka ngisho noma sidlalela kuphi,” usho kanje uStubbs obengukaputeni weSunrisers okokuqala kule sizini.