USIVIWE Soyizwapi ozohola amaBlitzbokke eSingapore ngempelasonto ezayo
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weqembu lesizwe lombhoxo weSevens, uPhilip Snyman, uqoke abadlali ababili abangakaze balidlalele leli qembu esikwatini esizodlala umqhudelwano wesithathu weHSBC SVNS eSingapore ngempelasonto.
Laba badlali uLuan Giliomee noRonaldo Young okubhekwe ukuthi basize iqembu lakuleli lizigcine esicongweni kwi-log.
USebastiaan Jobb ubuyele eqenjini okokuqala selokhu agcina ukudlala eSingapore ngo-Ephreli wonyaka odlule, kanti uSiviwe Soyizwapi yena uzobuya okokuqala selokhu agcina ukudlala ngoMeyi nyakenye.
USoyizwapi uyena ozohola iqembu njengoba u-Impi Visser ephunyuziwe kulo mqhudelwano nozolandela ozoba sePerth, e-Australia, ekuqaleni kukaFebhuwari.
“Bonke abadlali asebekhulile bazothola isikhathi sokuphumula ngaphambi kwemiqhudelwano emithathu emikhulu. U-Impi udlale kakhulu eDubai naseKapa, yingakho simphumuzile. Kube lula ukuthi sithathe lesi sinqumo njengoba sekubuye uSiviwe,” kusho uSnyman.
“Ngeshwa uRonald Brown, Selvyn Davids noDewald Human basalimele kodwa sinabo abadlali abafana noLuan Giliomee, Sebastiaan Jobb noRonaldo Young abazokwazi ukudlala emuva.”
AmaBlitzbokke azolibangisa eSingapore ngoMsombuluko ayoqedela amalungiselelo omqhudelwano.
Azovula neSpain, Great Britain neFiji kuGroup A. KuGroup B kuqhathwe iNew Zealand, Australia, France ne-Argentina.
Iqembu lakuleli liqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-32, lilandelwe yiFiji neNew Zealand, nabo abanamaphuzu angu-32.
IFrance isendaweni yesine ngamaphuzu angu-28, i-Australia kweyesihlanu ngangu-26 bese i-Argentina iba sendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-24.
Isikwati samaBlitzbokke esizodlala eSingapore: Christie Grobbelaar, Ryan Oosthuizen, Zain Davids, Ricardo Duarttee, Nabo Sokoyi, Siviwe Soyizwapi, Shilton van Wyk, Donavan Don, Sebastiaan Jobb, David Brits, Ronaldo Young, Zander Reynders, Tristan Leyds, Luan Giliomee.
Related Topics: