UMSHWIBI, u-Ayanda Hlubi, ngomunye wabadlali bamaProteas esifazane abasekhempini eTshwane.
Image: X / PROTEAS WOMEN
INHLANGANO eyengamele ikhilikithi kuleli, iCricket South Africa, ihlanganise abadlali beqembu lesizwe labesifazane nabanye osekusele kancane bangene kulona ekhempini ekhethekile eqale ngoLwesithathu eCSA Centre of Excellence, eTshwane.
Kule khempu ezophela ngoMsombuluko, kubhekwe ukuthi kuqiniswe amakhono abadlali bamaProteas esifazane, labo abakwinkulisa i-Emerging Academy nabagqame emiqhudelwaneni yakuleli, iHollywoodbets Pro Series.
Kuyona kuzogxilwa ekuzivocavoceni, ukuhlaziya imidlalo, kudlalwe nemidlalo emine ye-T20.
Umqeqeshi wamaProteas esifazane, uMandla Mashimbyi, uthe le khempu izosiza kakhulu ekugcineni abadlali bebukhali nasekwandiseni isibalo sabakulungele ukudlala imidlalo yamazwe.
“Ukwandisa isibalo sabadlali abasezingeni eliphezulu yinto esiyibona ibalulekile kwikhilikithi yabesifazane eNingizimu Afrika. Lama khempu siwenzela ukuthi sibe nabadlali abaningi abaqondayo ukuthi kunjani ukuba yingxenye yamaProteas, indlela esisebenza ngayo, isimo somqondo kanye nohlobo lwekhilikithi oludingekayo esigabeni esiphezulu,” kusho uMashimbyi.
“Ukuhlanganisa abanamava okudlala emiqhudelwaneni emikhulu, labo asebesondele ezingeni eliphezulu kanye nalabo abathembisayo kuyithuba lokuthi bacobelelane ngolwazi futhi bakwazi ukukhuluma ulimi olulodwa.
“Uma siqhubeka nezinhlelo ezinje kuzokwenza kube lula ukuthi abadlali basheshe bajwayele eqenjini lesizwe uma sesifikile isikhathi sokuthi badlale ezingeni eliphezulu.”
Le khempu izophinde ibe yingxenye yamalungiselelo ochungechunge iqembu lakuleli ezoludlala nePakistan ngenyanga ezayo nangoMashi, oluzolandelwa wuhambo olubheke eNew Zealand ngoMashi kuya ku-Ephreli.
Abadlali okubalwa kubona uLaura Wolvaardt, Marizanne Kapp, Nadine de Klerk noChloé Tryon abekho kule khempu ngenxa yokuthi basabambeke kwi-Women’s Premier League e-India.
Isikwati samaProteas esifazane esisekhempini: Anneke Bosch, Masabata Klaas, Simone Lourens, Suné Luus, Tebogo Macheke, Eliz-Mari Marx, Miané Smit (Fidelity Titans); Tazmin Brits, Fay Cowling, Sinalo Jafta, Ayabonga Khaka, Karabo Meso, Tumi Sekhukhune (DP World Lions); Alexandra Candler, Ayanda Hlubi, Nonkululeko Mlaba, Seshnie Naidu, Nondumiso Shangase (Hollywoodbets Dolphins); Lara Goodall, Leah Jones, Kayla Reyneke, Faye Tunnicliffe, Dané van Niekerk (World Sports Betting Western Province); Izel Cilliers , Annerie Dercksen (Garden Route Badgers); Nthabiseng Nini (North West Dragons).
Related Topics: