IQEMBU lesizwe laseBangladesh lisengcupheni yokukhishwa eNdebeni yoMhlaba yeT20.
Image: SIGCINIWE
LINGASE liyizwe ngendaba iNdebe yoMhlaba ye-T20 iqembu lesizwe laseBangladesh ngenxa yokungaboni ngaso linye phakathi kwalo nenhlangano eyengamele ikhilikithi emhlabeni i-International Cricket Council (ICC).
Lo mqhudelwano ozoqala ngoFebhuwari 7 kuya kuMashi 8, uzobanjelwa e-India naseSri Lanka.
Ngenxa yokushayisana kwakamuva kwezepolitiki phakathi kweBangladesh ne-India, leli lizwe licele ukuthi imidlalo yalo isuswe e-India, iyiswe eSri Lanka.
Nokho, i-ICC itshele i-Bangladesh Cricket Board ukuthi asikho isizathu sokwenza lezi zinguquko ngoba akukho okukhombisa ukuthi iqembu ngeke liphephe e-India.
Njengoba lo mqhudelwano ususondele, i-ICC ikubeke kwacaca ukuthi uma iBangladesh ikhetha ukungayi e-India, isikhala sayo sizovalwa ngelinye izwe, okulindeleke ukuthi kube yiScotland.
Angu-20 amaqembu azibekisela izindawo eNdebeni yoMhlaba ye-T20 yanonyaka afakwe emaqoqweni amane anamaqembu amahlanu ngalinye.
IBangladesh iku-Group C ne-England, West Indies, Nepal ne-Italy. Kufanele idlale umdlalo wayo wokuqala ne-West Indies e-Eden Gardens, edolobheni iKolkata, e-India, ngoFebhuwari 7.
UGroup A une-India, Pakistan, Netherlands, Namibia ne-United States, kuGroup B kuboshelwe iSri Lanka, Zimbabwe, Ireland ne-Oman kanti amaProteas akuGroup D neNew Zealand, Afghanistan, Canada ne-United Arab Emirates.
Kuzocaca maduze ukuthi iqembu laseBangladesh lizoqhubeka yini ukuyodlala e-India noma lizokhetha ukuhoxa kulo mqhudelwano.
Related Topics: